Ulaka lwemvelo lushiye kukhalwa

by Anathi Mtaka
February 17, 2023


Anathi Mtaka
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Abatakuli basebenze ubusuku bonke behlenga abantu ngaphansi kwemfucumfucu ezinsukwini eziyisishiyagalombili ngemva kokuzamazama komhlaba eTurkey.
Edolobheni elibhidlikile laseSyria i-Aleppo, isikhulu sosizo se-United Nations (UN) uMartin Griffiths uthe isigaba sokuhlenga sesizophela, kugxilwe endaweni yokukhosela, ukudla kanye nezikole.
Amakhulu abantu aphuma edolobheni nsuku zonke, futhi labo abasalayo bazifudumeza ngemililo emakhoneni emigwaqo nasemapaki, balale ematendeni noma ezimotweni.
Related
Tags