Kungahle kushube phakathi kwabePosi nenyunyana
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
AbePosi eNingizimu Afrika bathi ziyaqhubeka izinhlelo zokuhlenga le nkampani ekuwohlokeni.
Phakathi kwezinyathelo ezisheshayo iPosi elizicubungulayo, zibandakanya ukwehliswa kwamaholo abasebenzi ngama-40% kusukela ngenyanga ezayo.
IPosi kuyavela ukuthi lilahlekelwe izigidi sezigidi ezi-R2.3 kanti likweleta iPostBank iszigidi sezigidi ezi-R3.2. Isinyathelo sokwehliswa kwamaholo abasebenzi sigxekwe ngabasebenzi abasola izikhulu eziphezulu ngokungacabangeli kuyilapho zona zihola izigidi.
Isikhulu sePosi uNomkitha Mona sichaze sathi: “Esikwenzayo sifuna ukwethula lokho esikubiza ngokuthi isonto lomsebenzi lezinsuku ezintathu. Ngakho-ke, kusho ukuthi esikhundleni sokuthi abasebenzi basePosini basebenze izinsuku ezinhlanu futhi bathole imali yalokho, sebezosebenza izinsuku ezintathu. Ngakho-ke lokho kuzohlanganisa ama-60% wesonto lomsebenzi futhi yilapho ukuncishiswa kwama-40% kuvela khona. Uma sikwenza, ngeke siphazamise amahora okusebenza ePosini.”
Lesi sinyathelo sinqatshiwe ngabasebenzi ababize leli qhinga njengelingenabulungiswa nelinobuqili. AbePosi bakugcizelele ukuthi uhlelo lokwehliswa kwamaholo luzothinta nezikhulu nabaphathi abaphezulu.
Inyunyana yabasebenzi iCommunication Workers Union (CWU) ithi abasebenzi bakhungathekile njengoba bengakwazi ukulahlekelwa yimisebenzi kulezi zikhathi ezinzima zomnotho noma bakwazi ngisho nokwehliswa amaholo ngama-40%.
UNobhala Jikelele weCWU u-Aubrey Tshabalala uthe, “Sonke siyazi ukuthi eminyakeni emine edlule abasebenzi bebengakhushulelwa amaholo. Kodwa iphuzu lesithathu elibalulekile wukuthi kufanele sitshelwe ukuthi yini le etholwa yizikhulu nabaphathi uma kuqhathaniswa nomuntu ogoduka nezi-R5000. Ngoba uma ubeka indlela yokulala ekwehliseni amaholo, empeleni uvikela labo abavele bekhokhelwa kakhulu.”