Now Reading
KwaTransnet baphonsa esivivaneni empini yokucima kukagesi
Dark Light

KwaTransnet baphonsa esivivaneni empini yokucima kukagesi

ITransnet ithi isibeke izinyathelo zokubhekana kanye nokunciphisa umthelela wokucisha kukagesi ekusebenzeni kwayo ngokusebenzisa izivumelwano no-Eskom kanye nomasipala abahlukene. AbakwaTransnet bathi basezinhlelweni zokuletha abahlinzeki bamandla avuselelekayo engxubeni yabo yamandla.

 Le nkampani kahulumeni yokuthutha impahla ibibhekene nezinselelo ezinzima onyakeni odlule. Amachweba akhona KwaZulu-Natal ahlaselwe yizikhukhula ngonyaka odlule, kanti ukunganakekelwa kahle nobuholi kube nomthelela engqalasizinda yayo ewohlokayo.

 Abasebenzi bakwaTransnet baphinde babeka phansi amathuluzi ngoMfumfu nyakenye ngenxa yokufuna ukwenyuselwa amaholo okwadla umnotho ngezigidi zemali engenayo etholakala kwamanye amazwe.

“Isidingo sokucishwa kukagesi ukuze kuvikelwe ugesi kuzwelonke lapho kungekho sizukulwane esanele sokuhlangabezana nesidingo siyaqondakala, ukuqhubeka nokusebenza kukaTransnet kubalulekile ukuxhasa umnotho waseNingizimu Afrika. Ngakho-ke sibeke izinyathelo zokunciphisa lesi simo. Sisohlelweni futhi lokuletha abahlinzeki bamandla kagesi avuselelekayo abazimele emixubeni yethu, sikhulise ukufakwa kwePV yelanga elincane kanye nokuphehla okulindile futhi sikhulise ukuvikeleka kwethu kokuphakelwa kukagesi esikhathini esifushane kuya esimaphakathi,” kuchaza umkhulumeli, u-Ayanda Shezi.

Ngakolunye uhlangothi uMphathi Omkhulu Wesikhungo Sikazwelonke Sokuthuthukiswa Kwamandla Kazwelonke eNingizimu Afrika, uZwanani Mathe, usebeke izinyathelo ezithile kanye nokungenelela okungase kulandelwe ukuze kuthuthukiswe ukutholakala kwamandla kwa-Eskom.

See Also

Uthi  kufanele kumenyezelwe isimosenhlekelele ngokuphazima kweso njengekhambi elingadambisa  enkingeni yamandla ebhebhetheka kakhulu ezweni.

UMathe uchaza ukuthi yiziphi ezinye izinyathelo ezidingekayo ukuze kubhekwane nenkinga kagesi. “Kumele kusungulwe isikhungo seNational Command Centre, siphephile ngempela uma kumenyezelwa isimo senhlekelele. Akusesona isimo esiphuthumayo, noma inkinga uma uMengameli esememezele isimo sezwe senhlekelele ngogesi, ingqalasizinda edingekayo kanye nazo zonke izikhungo zokuyala zingase zimiswe. Kuzokwenza uMphathi Omkhulu wakwa-Eskom u-Andre De Ruyter nethimba lakhe bakwazi ukubeka izinyathelo zokuphepha ukuze kugwenywe izindaba zokwebiwa kwengqalasizinda esizwe ngakhoo, ukucekelwa phansi kwempahla kanye nenkohlakalo esizwile ngayo,” kuphetha uMathe.

Scroll To Top