Impi engenamkhawulo e-Etrea isiyenze kwanda abafuduki
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Inqwaba yamasosha ase-Eritrea ashiye idolobha laseShire esifundeni sase-Ethiopia iTigray lapho abelwa khona ukweseka amasosha kahulumeni ngesikhathi sempi yezakhamuzi yeminyaka emibili, kusho isakhamuzi kanye nabasebenzi ababili bosizo oluphuthumayo ngoMgqibelo.
Ukuqhubeka nokuba khona kwamasosha ase-Eritrea eTigray naphezu kwesivumelwano sokuyeka ukulwa ngoLwezi phakathi kukahulumeni wase-Ethiopia namabutho esifunda saseTigray esidinga ukuhoxiswa kwamasosha angaphandle kubonakala njengesithiyo esiyinhloko sokuthula kulelizwe.
Impi yaseTigray kukholakala ukuthi ibangele ukubulawa kwabantu abaningi futhi yaphoqa izigidi ukuba zibaleke emakhaya azo. Akuzange kucace ngokushesha ukuthi ukunyakaza kwamasosha eShire, elinye lamadolobha amakhulu eTigray, bekuyingxenye yokuhoxa kwe-Eritrea esifundeni noma nje ukuthunyelwa kabusha kwawo lamabutho. Ofakazi kanye nesikhulu sase-Ethiopia babike ngenyanga edlule ukuthi amasosha ase-Eritrea abephuma eShire nakwamanye amadolobha amakhulu amabili, kodwa amaningi agcina esele.
UNgqongqoshe Wezolwazi wase-Eritrea uYemane Gebremeskel akazange aphendule ngokushesha izicelo zokuthi aphawule. Isakhamuzi saseShire sithi lamasosha ase-Eritrea abonakale ephuma edolobheni kusukela ekuseni kuze kube yihora lesihlanu ntambama. ngolwesihlanu. “Sengizibalile izimoto ezingama-300,” kusho isakhamuzi esicele ukungadalulwa ngezizathu zokuphepha. “Bahambe nezikhali zabo ezinzima.” Umsebenzi wokusiza abantu eShire, naye ocele ukungadalulwa, njengoba ebone amakhulu ezimoto ezigcwele amasosha zilibangise enyakatho ngasemngceleni.
Wonke amasosha ase-Eritrea edolobheni abonakala esehambile ngoLwesihlanu kusihlwa. Isisebenzi sosizo sithe amakhulu ezimoto zase-Eritrea zisukile eShire kodwa amanye amasosha asala edolobheni.
URedwan Hussien, umeluleki wezokuphepha kuzwelonke kaNdunankulu wase-Ethiopia futhi oyilungu lethimba likahulumeni lezingxoxo, akazange aphendule esicelweni sokuphawula. Nomkhulumeli wenhlangano iTigray People’s Liberation Front (TPLF) uGetachew Reda akazange aphawule naye. Ngesikhathi sempi, amasosha ase-Eritrea asolwa izakhamuzi namaqembu alwela amalungelo abantu ngokuhlukumeza okuhlukahlukene, okuhlanganisa nokubulawa kwamakhulu ezakhamuzi edolobheni lase-Axum ngesikhathi samahora angama-24 ngoLwezi wezi-2020.
I-Eritrea iyazichitha lezi zinsolo. I-Eritrea ibheka iTPLF, ehola iTigray njengamabutho, njengesitha sayo. I-Eritrea ne-Ethiopia balwa impi yasemngceleni phakathi kowe-1998 nowezi-2000, lapho iTPLF ibusa uhulumeni wobumbano.