Now Reading
INUM isibe ngabanye abathi sekwanele ngenkinga kagesi
Dark Light

INUM isibe ngabanye abathi sekwanele ngenkinga kagesi

Umjaho wokukhiqiza umthamo owengeziwe wagesi uyaqhubeka. Lokhu kwenzeka njengoba siya ngokwanda isibalo sabantu abazibophezele ekwenzeni izinhlelo nezisombululo ezinkingeni zamandla kagesi ezweni.

INational Union of Metalworkers (NUM) ihlangane noNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uPravin Gordhan ngemizamo yokulungisa u-Eskom. Inyunyana ithi zikhona izixazululo ezikhona zokuqeda ukucinywa kukagesi osekuqala ukuba into yansuku zonke ezweni.

USihlalo we-NUM eHighveld Regional, uMalekutu Motubatse uthe emhlanganweni ababe nawo noNgqongqoshe Wezamabhizinisi Kahulumeni, batshele uNgqongqoshe ukuthi alungise u-Eskom ngokulungisa ngokushesha iziteshi zikagesi iThuthuka, Kendel, Matla kanye neKusile. Inyunyana isihlonze lezi ziteshi njengalezo ezingakhiqiza amandla okukhiqiza ukuze kukhanye izwe.

U-Eskom uthe udinga amamegawathi angaphezu kuka-50 000 amandla engeziwe okukhiqiza amandla ezweni. Ngempelasonto, inkampani ephehla ugesi ithe ukonakala kwamanje eziteshini zayo kungaphezu kwamamegawathi angu-17 000 amandla okuphehla.

Okhulumela umnyango uSikonathi Mantshantsha uthi iziteshi eziningi zikagesi ziyalungiswa. “Isigaba  se-4 sokucishwa kukagesi sizoqhubeka kuze kube kuphuma isaziso. U-Eskom uzoshicilela olunye ulwazi ngokushesha nje uma kwenzeka noma yiziphi izinguquko ezibalulekile.

“Kusukela ngoMgqibelo uphiko oluphehla ugesi ngasinye eziteshini zikagesi i-Camden, i-Grootvlei, i-Lethabo kanye ne-Majuba zibe zonakele futhi zisalungiswa, kanti iyunithi ngayinye eziteshini zikagesi i-Kriel ne-Lethabo yabuyiselwa ukusebenza. Ukubuyela emsebenzini kweyunithi ngayinye eziteshini zikagesi iDuvha, iMatla kanye neTutuka kubambezelekile.”

Imiphumela yokucishwa kukagesi kwezolimo

ISouth African Canegrowers Association izwakalise ukukhathazeka ngokuthi ukuqhubeka  kokucinywa kukagesi kungase kudle imboni imali engaphezu kwezigidi ezingama-R723 kulo nyaka.

See Also

Ilinganisela ukuthi uma kwenzeka kukhuphuka izigaba  zokunqanyulwa kukagesi, njengeSigaba  se-6 kuya kwese–8, kungagcina kudle abalimi imali engaphezu kwesigidi gidi esi-R1.8.

USihlalo weNhlangano u-Andrew Russell uthi abalimi abakwazi ukunisela izitshalo zabo. “Kunezinkinga zokuvinjwa ukukhula ngoba abalimi abakwazi ukuchelela izilimo zabo. Sinabalimi abangaphezu kuka-1000 abanisela umoba wabo KwaZulu-Natal naseMpumalanga futhi abakwazi ukukwenza lokho, ngakho izitshalo azikhuli ngendlela.”

“Ngaphezu kwalokho baphinde bangene ezindlekweni zikagesi ngenxa yokuphazamiseka kwezinhlelo zabo zokunisela ngenxa yokucinywa kukagesi. Abakwazi ukusizakala ngohlelo lwentela olubavumela ukuthi bakhokhe intela ephansi uma besebenza ngezikhathi zesidingo esiphansi. Kodwa ngokucinywa kukagesi, bayaphoqeleka ukuthi banisele noma nini lapho bekwazi futhi ngenxa yalokho bangena kulezi zindleko ezikhuphukayo,” kusho uRussell.

Scroll To Top