Now Reading
Inyunyana ithi izolwa ukuvikela ukuxhashazwa  kwabasePosini
Dark Light

Inyunyana ithi izolwa ukuvikela ukuxhashazwa  kwabasePosini

ISouth African Post Office (SAPO) ihlela ukudiliza inqwaba yabasebenzi bayo ngemuva kokukhipha isaziso seSigaba se-189.

Abasebenzi bathi bafunde ngokushaqeka ngesinyathelo esihleliwe sePosi esizothinta abasebenzi abayizi-6 000. Lokhu kuyingxenye yesu lokuguqula isimo elizobandakanya ukunqanyulwa kwamaholo abasebenzi ngama-40%.

ISAPO ithi lokhu kuzama ukunciphisa izindleko zokuqashwa kanye nokuqinisekisa ukuthi inkampani yenza inzuzo ngemuva kokuba ilahlekelwe izigidigidi ezi-R2.3 onyakeni wezimali odlule.

Inyunyana izoluphosela inselelo loludaba

UNobhala Jikelele wenyunyana iCommunications Workers Union, u-Aubrey Tshabalala, uthe bazokufaka inselelo ukudilizwa kwabasebenzi okuhleliwe.

See Also

“Lokhu kwenzeka ngesikhathi sisezingxoxweni ezimayelana nokwehliswa kwamaholo ngama-40% noma amahora okusebenza. Ngakho-ke lokhu kukhanda siphi isithombe kuthina? Kudweba isithombe sabaphathi abangazazi bafunani ngesonto eledlule  ubucabanga ukunciphisa amaholo, futhi esontweni elilandelayo usucabanga ukuxosha cishe wonke umuntu okhona  – okusho ukuthi labo abenza umsebenzi wangempela eposini, cishe. bonke babhekene nokuxoshwa.”

ISouth African Federation of Trade Unions kanye nenhlangano engaphansi kwayo, iDemocratic Postal and Communications Union ithe kubashaqisile ukungaphathwa ngendlela kwePosi laseNingizimu Afrika. Uhlelo lwe-SAPO kuthiwa lusezinhlelweni zalenkampani, phakathi kokunye zihlonze “amaholo abasebenzi” “njengezindleko eziphakeme kakhulu” zenani “lezindleko ezidlula kude imali engenayo”.

Scroll To Top