Now Reading
EzikaMuseveni zidube iChina ngokungagcini isivumelwano
Dark Light

EzikaMuseveni zidube iChina ngokungagcini isivumelwano

I-Uganda isinqamule inkontileka yayo nenkampani yaseChina okuyiChina Harbour and Engineering Company Ltd (CHEC) yokwakha ujantshi oya emngceleni waseKenya futhi manje isicubungula isivumelwano nenkampani yaseTurkey, isikhulu esiphezulu sitshele abeReuters ngoLwesihlanu.

Ngowezi-2015, lelizwe elisempumalanga ne-Afrika lasayina inkontileka yobunjiniyela, yokuthengwa kwempahla kanye neyokwakha neCHEC ukuze kuthuthukiswe iphrojekthi yeStandard Gauge Railway (SGR), ezosebenzisa izinga lamazwe ngamazwe kunegeji encane esetshenziswa kwesinye isikhathi esifundeni. Ujantshi wesitimela ongamakhilomitha angama-273, okulinganiselwa ukuthi uzobiza amadollar ayizigidi eziyizinkulungwane ezingama-2.2, uzoxhumanisa inhlokodolobha iKampala kanye nomngcele wase-Uganda neKenya, lapho kuhlelwe ukuthi uxhumane nojantshi wesitimela waseKenya ongenela olwandle lwaseMombasa.

I-Uganda nokho ikhungathekile ngokungazimiseli kweChina ukuxhasa lo msebenzi futhi manje isicela inkampani iYapi Merkezi yaseTurkey ukuthi ithathe lo msebenzi, ngokusho kwesikhulu somnyango wezokusebenza nezokuthutha sitshele abeReuters.

Ukhulume wacela ukungadalulwa ngoba akagunyaziwe ukukhuluma ngalolu daba. “Esinye sezibopho ngaphansi kwenkontileka namaShayina ukuthi bekufanele asize i-Uganda ekutholeni imali okungakafezeki,” kusho lesi sikhulu.

Uthe i-Uganda yabhalela inkampani yaseChina ngozibandlela  ihoxisa inkontileka wathi amaShayina kuze kube manje abengakakhombisi ukuthi ayasiphikisa lesi sinqumo. Izikhulu zeCHEC azitholakalanga ngokushesha ukuze ziphawule.

See Also

Okhulumela uMnyango Wezangaphandle eShayina u-Wang Wenb uthe esikhathini esidlule iChina ne-Uganda bebesebenzisana ngokubambisana kojantshi wesitimela, iziteshi zikagesi, imigwaqo emikhulu, ukuthuthukiswa kukawoyela negesi kanye nokwakhiwa kwengqalasizinda.

“IChina ne-Uganda bangamazwe abambisene ngokuphelele, futhi  anokubambisana okungokoqobo phakathi kwala mazwe womabili kuhamba phambili ekusebenzisaneni kweChina ne-Afrika,” etshela isithangami sabezindaba e-Beijing.

Scroll To Top