Now Reading
Zibhekwe ngabomvu iziphakamiso zeMining Indaba ngogesi
Dark Light

Zibhekwe ngabomvu iziphakamiso zeMining Indaba ngogesi

UNgqogqoshe weziMbiwa naMandla uMnu uGwede Mantashe uthe uhulumeni uphezu kohlelo oluzoxazulula ukucishwa kukagesi ezinyangeni ezili-12 ezizayo.

Uthe izindawo okuzogxilwa kuzona zihlanganisa ukunakekelwa kweziteshi zikagesi ezikhona, ukuthenga ugesi emazweni angomakhelwane kanye nokuthuthukisa amakhono kwa-Eskom. UMantashe ubethula inkulumo yokuvula kwi-Investing in African Mining Indaba, eCape Town International Convention Centre.

Uthe ukuxazulula ukucinywa kukagesi kubalulekile ekukhuleni komnotho. “Okuphakathi kwezinselelo zethu zamanje zamandla ukwehla kwe-Energy Availability Factor (EAF) isuka ku-75% iya ku-49%. Ngakho-ke, indlela engenzeka futhi enengqondo yokuzama ukuxazulula ukucinywa kukagesi ukunqanda ukwehla kwe-EAF,” kwengeza uMantashe.

Uhulumeni wawukuvezile ukuthi inkinga kagesi ezweni izoba yisizinda sezingxoxo kwiMining Indaba.

I-Indaba iwumhlangano wezithunywa ezingaphezu kwezi-6 500 emphakathini wezimayini. IPhini likaMqondisi Jikelele eMnyangweni wezokuMbiwa naMandla, uNtokozo Ngcwabe uthe njengoba izwe nomhlaba lidlulela ekuguqukeni nje, amalahle ngeke asale dengwane .

See Also

Uthe ukuphakelwa kukagesi ezweni kusancike kakhulu eziteshini zikagesi eziphehlwa ngamalahle ngakho-ke kuzoba nezingxoxo nabatshalizimali mayelana nokuthi bangawagcina kanjani amalahle ngesikhathi bebheke kwi-net-zero emission

UNgcwabe uthe, “Okokuqala, uhulumeni uzibophezele ekwenzeni izinguquko. Kodwa-ke, esikushoyo ukuthi ugesi wethu uphehlwa kakhulu eziteshini eziphehla ugesi ngamalahle. Ngakho-ke, ukuguquka kusuka kulowo mnotho ophezulu wekhabhoni kuya kumnotho ophansi wekhabhoni ngeke kwenzeke ngokuphazima kweso. Amalahle asazohlala nathi isikhathi eside (isikhathi esithile), ngenkathi siqhubekela ohambweni lwethu oluya ekukhiqizeni okuphansi kwekhabhoni futhi ngenkathi siqhubekela ekuyekiseni ukusebenza kwezinye zezimboni zokuphehla ugesi ngamalahle.”

Scroll To Top