URamaphosa uchaze ngogesi enkulumweni engobume besizwe



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli Cyril Ramaphosa uthe ngeke akwazi ukunikeza isikhathi sokuthi izophela nini inkinga kagesi ezweni.
Umemezele ukuthi usefake izwe ngaphansi kwesimo seNhlekelele Kazwelonke mayelana nezinkinga zikagesi ngesikhathi Ethula Inkulumo yakhe engoBume Besizwe.
Okunye ukuqagela kubonisa ukuthi ukucishwa kukagesi kuzoqhubeka iminyaka emibili ezayo.
Ekhuluma nabezindaba eKapa, uRamaphosa uthe izinselelo ezibhekene no-Eskom zinzima.
“Inselelo yokucishwa kukagesi inzima kakhulu futhi isizathu esidale ukuthi simemezele isimo senhlekelele ukusenza sikwazi ukusheshisa izinhlelo ukuze nezikhathi ezibekiwe zibe mfishane. Izinga nesikhathi okuzonqotshwa ngalo lesisimo, angikwazi ukusho kodwa isimo senhlekelele sizosinika amathuluzi kanye amandla okubhekana nale nkinga kagesi.”
Imizamo yokubhekana nesimo
UNgqongqoshe Wezimbiwa Namandla uGwede Mantashe uthe indima kaNgqongqoshe Kagesi omusha izofana nomphathi wohlelo. Umengameli uRamaphosa umemezele ngesonto eledlule ukuthi uzoqoka uNgqongqoshe Kagesi ozoba sehhovisi likaMengameli. UMengameli uthe ukuqokwa lokhu kuyimpendulo yokubhekana nenkinga kagesi esimenyezelwe njengesimo Senhlekelele Sikazwelonke.
“Abantu abaningi bayabuza ukuthi kusho ukuthini lokhu kuqokwa, futhi sikubheka njengendlela engachazwa njengokuphatha amaphrojekthi ekuxazululeni inkinga. Abanye abantu kwabezindaba bathi uma sikuchaza njengendlela yokuphatha amaphrojekthi, sinciphisa longqongqoshe negunya lakhe. Ngicabanga ukuthi okuthile okubizwa ngesikole kuzobasiza ukuthi baqonde ukuphathwa kwamaphrojekthi akuchazi ukuncishiswa kwento noma kwesikhundla esithile. Konke lokhu nje, kugcizelela ukuphuthuma kwesikhungo kanye nokulethwa komsebenzi ngesikhathi,” kuchaza uMantashe.