Now Reading
UMengameli uwa evuka nemizamo yempi kagesi
Dark Light

UMengameli uwa evuka nemizamo yempi kagesi

UMengameli uCyril Ramaphosa uthi ithimba longoti abazimele lihlola izinkinga eziteshini zikagesi ezingasebenzi kahle futhi lithatha izinyathelo zokuthuthukisa ukusebenza kwemishini.

UMengameli uthe sebehlonze iziteshi zikagesi eziyisithupha ezinyangeni ezimbalwa ezizayo ukuze zibuyise umthamo owengeziwe. INingizimu Afrika isakhungathekile ngenxa yobunzima bokucinywa kukagesi  futhi manje isihamba phakathi kwezigaba ezahlukene zokucinywa kukagesi.

Nokho uthe uhulumeni uzibophezele ekwehliseni ukuqina kwalokhu kucishwa kukagesi ezindlini nasemabhizinisini. Uphinde wathi u-Eskom usebenzela ukuxhuma iKusile Unit five kugridi kazwelonke ngoMandulo nonyaka.Nakulokhu, imizamo isikhona yokubuyisela amanye amayunithi eMedupi, Kusile naseKoeberg.

UMengameli uphinde wakuveza ukuthi u-Eskom ungenise amandla angamamegawathi angama-300 emazweni angomakhelwane njengoba kunezingxoxo eziqhubekayo zokuthola amanye amamegawathi ayi-1 000 kanye nokuthenga amandla asalayo ezinkampanini ezinamandla okuphehla amandla isikhathi esiyiminyaka emithathu.

See Also

Khona ekuphawuleni kukamengameli kuyavela ukuthi basayine (uhulumeni) izivumelwano zamaphrojekthi angama-25 kusukela kumafasitela amabhidi amahlanu neziyisithupha zohlelo lukagesi ovuselelekayo olumele amamegawathi angu-2 800 amandla amasha.

UMengameli uphinde wanxusa iNingizimu Afrika ukuthi isebenzisane ukuze inqobe inselelo enkulu yokucinywa kukagesi. “Kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule, ngibambe imihlangano yokubonisana nabamele abasebenzi, amabhizinisi, abaholi bendabuko, abaholi bezenkolo kanye nesifunda somphakathi. Sengike ngahlangana nondunankulu, izimeya zikamasipala nabaholi bamaqembu ezepolitiki.”

Scroll To Top