Now Reading
Ubuyele ekhaya emuva kweminyaka esekudingisweni
Dark Light

Ubuyele ekhaya emuva kweminyaka esekudingisweni

Umholi weqembu eliphikisayo eTanzania nowake wangenela ukhetho lubuMengameli uTundu Lissu (osesithombeni) ubuyele ekhaya ngemuva kweminyaka engaphezu kwemibili edingiselwe e-Europe, wamukelwe isixuku esijabule ngoLwesithathu wesonto eledlule, ngemuva kokuthi uhulumeni esuse umthetho owawuvimbela imibuthano yezepolitiki.

Wayengumshayi wemithetho  futhi egxeka uhulumeni, uLissu uqale walifulathela leli eyofuna ukwelashwa phesheya ngemuva kokudutshulwa amahlandla ali-16, ngesikhathi ehlaselwa oshayasibhamu abangaziwa enhlokodolobha iDodoma ngowezi-2017.

Uke waboshwa izikhathi eziyisishiyagalombili onyakeni owandulela ukuhlaselwa kwakhe. ULissu wamukelwe yinqwaba yabalandeli bakhe esikhumulweni sezindiza iJulius Nyerere International Airport, ngaphambi kokuthi ayokhuluma engqungqutheleni ebisenhlokodolobha yezohwebo eDar es Salaam.

Ubonakale ephephezelisa ifulegi leqembu lakhe iCHADEMA ehlezi phezu kwemoto ngesikhathi ebingelela abalandeli abebebuthene emigwaqeni bemlandela ngezinyawo, izimoto nezithuthuthu.

ULissu wabuya izinyangana ezimbalwa ngowezi-2020 ezophonsela inselelo uMengameli wangaleso sikhathi uJohn Magufuli okhethweni. Nokho, ngemva nje kokhetho wabalekela lapho kuhlala khona inxusa laseJalimane ngemva kokuthola izinsongo zokubulawa, wabe esephinde walishiya izwe.

Ngasekuqaleni kwale nyanga, uMongameli Samia Suluhu Hassan ukususile ukuvinjelwa kwemibuthano yezepolitiki, eminyakeni engaphezu kweyisithupha ngemuva kokuthi owayengumengameli ngaphambi kwakhe uMagufuli abeka lesi sinyathelo esibangele ukuxabana njalo phakathi kwabaholi bamaqembu aphikisayo namaphoyisa.

See Also

Ngaphansi kwalo mgomo owaqala ukusebenza ngowezi-2016, osopolitiki abakhethiwe bavunyelwe ukwenza imibuthano ezindaweni zabo kodwa kwavalwa eminye imibuthano yezombangazwe noma imibhikisho.

Ngesikhathi sakhe sehlandla lakhe lokuqala ehhovisi, uMagufuli wathola ukunconywa ngokutshala imali eningi ezinhlelweni zengqalasizinda nokuhola umkhankaso wokulwa nenkohlakalo, kodwa abagxeki basola uhulumeni wakhe ngokungabekezelelani kanye nokucindezela amazwi agxekayo.

Uhulumeni wangaleso sikhathi waphika ukuthi wayevimbela ukuphikiswa. Magufuli ushone ngoNdasa wezi-2021 ngenxa yesifo senhliziyo ebesimphethe iminyaka eyishumi.

Scroll To Top