UMkhandlu Wezokuphepha we-United Nations uthi ukhathazekile ngokwanda kodlame empumalanga yeDemocratic Republic of Congo. Lokhu kulandela imibiko yokuhlasela ngeSonto ekuseni esikhumulweni sezindiza iGoma International Airport.
U-Israeli ngeSonto ukwenze ngokusemthethweni ukuphikisana nalokhu ebikubiza ngokuthi "ukuhlonishwa kohlangothi olulodwa" kokuzimela kwePalestine futhi yathi noma yisiphi isivumelwano esinjalo kufanele kufinyelelwe kuso ngezingxoxo eziqondile.
Inhlangano eyangamele bonke oMasipala iSouth Africa Local Government Association (Salga) ibambisene noMngeni-Uthukela Water, baphenduke uMsamariya olungileyo ngesikhathi bevakashele inhlangano engenzi nzuzo ebizwa ngokuthi iScars Are Blessings NPO.
Kulindeleke ukuthi kuguge utshani uma sekutholene phezulu amaqembu amabili uMkhambathi FC neDrakensburg FC, emdlaweni weligi…...
Kuphele nya ngerekhodi leProteas lokungadliwa yiNew Zealand emidlalweni yochungechunge lwamaTest. Namuhla ekuseni, iProteas idliwe iBlack Caps ngamawikhethi ayisikhombisa emdlalweni wesibili weTest obuseSeddon Park kwelaseNew Zealand.
Kubulawe umfundi edolobheni laseSenegal, iSaint-Louis phakathi nemibhikisho enodlame yangoLwesihlanu ephikisana nokuhlehliswa kokhetho lukamongameli, kusho uMnyango Wezangaphakathi.
Insika yamaBhokobhoko uLukhanyo Am ichaza umqeqeshi omusha weqembu lesizwe lebhola lombhoxo njengomqobi wokuzalwa. URassie Erasmus umenyezelwe njengomqeqeshi omusha wamaBhokobhoko ngesonto eledlule.
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uxwayisa iqembu lakhe ngobungozi bukuzikhukhumeza kulandela ukuqeda endaweni yesithathu ku-Africa Cup of Nations (Afcon) ebise-Ivory Coast.
Angase ahlukumeze iqembu elimtakule kunzima umdlali omusha weMamelodi Sundowns uThembinkosi "Nyoso" Lorch. Lesi sihlabani somdlali sijoyine iSundowns sisuka ku-Orlando Pirates njengoba bekuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngoMasingana.
Ligcine ligqashukile igoda phakathi kukaMswati Mavuso naMaZulu FC. ElaboHlanga lithole ngemithombo yalo engashayi eceleni ukuthi usuphelile umshado phakathi kukaMavuso noSuthu.
Akazange adikibale ngemuva kokuphoxeka emdlalweni wokuqala ngesikhathi iBafana Bafana igilwa yiMali esigabeni samaqoqo umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.
UMengameli weSouth African Football Association (Safa) uDanny Jordaan uqede ukuqagela ngekusasa likaHugo Broos ocija iBafana Bafana.
Seluphumile uhla lwabadlali abayishumi nanye abashaye into ecokeme ku-Africa Cup of Nations (Afcon) ebibanjelwe kwelase-Ivory Coast. Lo mqhudelwano usongwe ngeSonto ebusuku. Ugcine unqontshwe i-Elephants abesingethe umqhudelwano.
UMfanafuthi Mkhize kuvela ukuthi uzama inhlanhla eqenjini eligijima kuMotsepe Foundation Championship iMaritzburg United. Lo mdlali odlala emumva usanda kuhlukana na-AmaZulu FC angakaze edlale nowodwa umdlalo kuwona. Ujoyine Usuthu ephuma kuThongathi FC.
Njengoba kusasa kuwusuku lwezithandani olubizwa ngeValentines Day, labo ababheke ukuyongcebeleka epaki uShaka Marine World, eThekwini bangase bazithole kudingeka bashintshe izinhlelo njengoba abasebenzi abangaphansi kwenyunyana iSouth African Municipal Workers Union (Samwu) bezongenela isiteleka.
IPhalamende lase-Ethiopia ngoLwesine ligunyaze ukuqokwa kwesikhulu sezobunhloli uTemesgen Tiruneh njengephini likaNdunankulu, engena esikhundleni sikaDemeke Mekonnen, osesebenze iminyaka eli-11 kulesi sikhundla, kubika abezindaba.
IBafana Bafana ngeke izithele ngabandayo kusasa ngele-10 ebusuku eStade Bouake e-Ivory Coast uma isibanga indondo yethusi neqembu lesizwe laseDRC. Elakuleli lithelwe othulini yiNigeria ngama-4/2 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni ophele zibambene ngeli-1/1 kowandulela amanqamu
IMeya yaseJozini uMnu uMfananaye Mathe uthe bazoqhubeka nokweseka izingane ezenza umatikuletsheni ngaphansi kwesifunda uMkhanyakude zizoqhubeka nokwenza kahle.
UNdunankulu wakwa-Israeli uBenjamin Netanyahu uyibize “ngokuzikhohlisa” imibandela ebekwe yiHamas uma izodedela iziboshwa ezigcinwe eGaza, uNetenyahu uxwayise ngokuthi ukuvumelana nemibandela kungaholela “ekubulaweni kwabantu abaningi futhi.”
Irokhethi yashaya eduze kwenyuvesi edolobheni laseCongo, iGoma njengoba izinkulungwane zezakhamuzi zibalekela umkhankaso wamavukelambuso eM23 asabisa ngokuthatha leli dolobha elinabantu ababalelwa ezigidini ezimbili.
UMengameli waseSenegal uMacky Sall unqume uluhlehlisa ukhetho ngenxa yombango oqhubekayo mayelana nohlu lwabazongenela ukhetho kanye nezinsolo zenkohlakalo ngaphakathi kwenhlangano yoMthethosisekelo ebiphethe lolu hlu.
INigeria iqhubekile nokuphendula iBafana Bafana ithofi layo yenza isiqiniseko sokuthi iNingizimu Afrika iyahluleka wukuqeda isinyama seminyaka engamashumi amabili nesithupha izabalazela ukuphinde idlale kowamanqamu e-Africa Cup of Nations (Afcon).
Inkantolo yaseThailand izolo inikeze izigwebo ezilengisiwe kowayegaqele isikhundla sobuNdunankulu uPita Limjaroenrat kanye nabanye abayisikhombisa bezombusazwe ngokubamba umhlangano ongekho emthethweni ngowezi-2019.
USihlalo weChippa United uSiviwe Chippa Mpengesi usekubeke kwacaca ukuthi yena uzobe eseka iNigeria bese itholene phezulu neBafana Bafana, kowandulela owamanqamu e-Africa Cup of Nations (Afcon).