Now Reading
Inqobo yisibindi: Yilokhu okwenze uBroos waba nethemba emveni komdlalo wokuqala
Dark Light

Inqobo yisibindi: Yilokhu okwenze uBroos waba nethemba emveni komdlalo wokuqala

Akazange adikibale ngemuva kokuphoxeka emdlalweni wokuqala ngesikhathi iBafana Bafana igilwa yiMali esigabeni samaqoqo umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.

IBafana yaqala ngebatha ku-Africa Cup of Nations (Afcon) kwelase-Ivory Coast. Yaguqa ngama-2/0.

Ngemuva kwalokho ayizange ibhekise ikhanda phansi. Ilwe yaze yayofinyilela kowandulela amanqamu.

IBafana igcine iqede endaweni yesithathu kulandela ukuguqisa iDRC Congo sekukhahlelwa amaphenathi. 

Elakuleli libuye nendondo yethusi. Namuhla yamukelwe ngenhlokomalo esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport, eGoli.

“Ngemuva kokudliwa emdlalweni wokuqala ngilitshelile ukuthi sidumele kodwa ngigcwele ukuzethemba ukuthi sizokwenza kahle kulo mqhudelwano. Lokhu ngakusho ngoba ngibona indlela esadlala ngayo sibhekene neMali. Sadlala ibhola eliseqophelweni eliphezulu. Ngabatshela abadlali ukuthi asizange siboze kodwa inhlanhla ayizange isivume. Ngemuva kwalokho senza amaphutha. Sabakhombisa amaphutha abo ngemuva komdlalo. Nangempela bawabona. Ngangingadinwe ngaleyo ndlela ngemuva kokudliwa yiMali. Kwakuwukuphatheka kabi kokuhlulwa umdlalo uwuphethe. Kwangicalela ukuthi leli qembu lingenza kahle emdlalweni elandelayo,” kuchaza uBroos.

IBafana ivuke yazikhotha amanxeba ngemuva kokuqunjwa phansi yiMali kowokuqala.

Yabhudluza iNambia ngama-4/0 emdlalweni wesibili wamaqoqo kwathi kowesithatha yabambama neMorocco ngeqanda. Iqede endaweni yesibili yase itomula iMorocco ekleliswe endaweni yokuqala e-Afrika ku-last 16.

See Also

Iyibhabhadise ngama-2/0 yase izibekisela indawo kuma-quarterfinal lapho ifike yahlula khona iCape Verde sekukhahlelwa amaphenathi.

Kowandulela amanqamu, iBafana iguqiswe yiNigeria ngamaphenathi. 

“Ngesiwombe sokuqala sakha amathuba angcono kunaweMali. Yize sadliwa kodwa asizange silahlekelwe wukuzethemba. Sahlala nabo abadlali sabatshengisa amaphutha abo. Bawalungisile sesidlala neNamibia emdlalweni wesibili. Sayibhubhisa. Siqhubekile saze sashaya neMorocco. Babedinga ukukhuthazwa ngemuva komdlalo weMali. Nangempela bavuke bazithatha. Ngakho bebedinga umqeqeshi ongeke abagxeke kodwa uzobagqugquzela aphinde abakhombise lapho kumele baqinise khona amabhawodi.” kulandisa uBroos.

Scroll To Top