Now Reading
U-Am ubabaza amagalelo omqeqeshi omusha wamaBhokobhoko
Dark Light

U-Am ubabaza amagalelo omqeqeshi omusha wamaBhokobhoko

Insika yamaBhokobhoko uLukhanyo Am ichaza umqeqeshi omusha weqembu lesizwe lebhola lombhoxo njengomqobi wokuzalwa.

URassie Erasmus umenyezelwe njengomqeqeshi omusha wamaBhokobhoko ngesonto eledlule.

Uthathe indawo kaJacques Nianeber oshiye isikhundla sokupheka iqembu lesizwe walibangisa phesheya kwezilwandle ngemuva kokunqoba iNdebe yoMhlaba ngonyaka odlule eFrance.

U-Erasmus obengumqondisi webhola lombhoxo kule minyaka emine eyedlule ubuyiselwe esikhundleni ake asibamba phambili.

Lo mqeqeshi nguyena owayehola amaBhokobhoko ngesikhathi ekhala emuka neNdebe yeWeb Ellis ngowezi-2019 eJapan.

U-Am ongukaputeni wamaSharks utshele abezindaba ngoLwesibili eHollywoodbets Kings Parks ukuthi akawangabazi amagalelo ka-Erasmus.

“U-Rassie ungumqobi wokuzalwa. Uhlale elambele impumelelo. Yonke indawo lapho ehamba khona ushiya umaka. Iqembu lesizwe libusisiwe ukuthola umuntu ofana naye,” kuchaza u-Am.

AmaBhokobhoko anqobe iNdebe yoMhlaba imiqhudelwano ilandelana eFrance.

See Also

“URassie uke walicija iqembu phambilini. Siyazi ukuthi yini ayifunayo nangayenzela iqembu. Eminyakeni emine eyedlule nakhona ubeyingxenye yeqembu. Bebebambisene kamnandi noJacques,” kuqhuba u-AM.

AMabhokobhoko azobhekana ne-Ireland phakathi nonyaka emidlalweni yamaTest bese edlala kuCastle Rugby Championship.

“Sisebenzile naye iminyaka. Angiboni ukuthi kuzoba nomehluko omngakanani. Amagalelo akhe ngiyawahlonipha eqenjini futhi angingabazi ukuthi iqembu lesizwe uzofike alithathe alibeke kwelinye izinga.” kuphetha u-Am.

Scroll To Top