Now Reading
Ingalokothi izithwale iBafana, kuxwayisa uBroos
Dark Light

Ingalokothi izithwale iBafana, kuxwayisa uBroos

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uxwayisa iqembu lakhe ngobungozi bukuzikhukhumeza kulandela ukuqeda endaweni yesithathu ku-Africa Cup of Nations (Afcon) ebise-Ivory Coast.

INingizimu Afrika ibuye nendondo yethusi ku-Afcon. Bekungokwesibili ithola indondo yethusi. Yathola eyokuqala ngowezi-2000.

“Ngesikhathi ngifika eNingizimu Afrika kwakungelula sizabalazela ukuzibekisela indawo ku-Afcon. Ngiphoqeleke ukuthi ngishintshe izinto eziningi. Bengazi ukuthi yini okumele ngiyitshele abadlali. Bengazi ukuthi yini futhi okumele ngiyilindele. Besifuna abadlali abangadlali ngokwendlela yaseNingizimu Afrika ukuze sithole imiphumela ngokushesha. Besifuna ukudlala ibhola eliya phambili elidle ngemiphumela. Kwesinye isikhathi elihambisana namandla. Abadlali basibambile isitayela kodwa ukuqeda endaweni yesithathu akusho ukuthi umsebenzi usuphelile. Ukhalo luselude. Akumele sicabange ukuthi konke sekulungile,” kuchaza uBroos.

IBafana ibiqala ukufinyelela kowandulela amanqamu ku-Afcon kusukela yagcina ngowezi-2000.

Elakuleli selike layinqobe kanye i-Afcon ngowezi-1996 lingosokhaya. Ladliwa kowamanqamu eBurkina Faso ngowezi-1998.

“Okuhle wukuthi sikwazile ukwakha isisekelo sabuye sabuyisa nesithunzi sezwe ebholeni lomhlaba. Umdlali nomdlali ofisa ukudlalela iqembu lesizwe useyazi ukuthi yini esiyilindele kuyena. Sifuna abadlali abanomqondo wokunqoba ezimeni ezinzima. Njengoba ngishilo isisekelo sesikhona kanjalo nabadlali esingathembela kubona. Igxathu elilandelayo wukuthi iqembu likhule. Manje sesihambe amagxathu amabili ukuya phambili uma siqhathanisa nesimo ebesikusona eminyakeni emibili eyedlule,” kuqhuba uBroos.

See Also

UBroos uke wayinqoba i-Afcon neCameroon ngowezi-2017 eGabon.

“Ngesikhathi ngicija iCameroon bengingenalo ulwazi nge-Afcon kwaze kwaba siba yingxenye yayo eGabon ngowezi-2017. Ngifunde kakhulu ngokuba yingxenye yalo mqhudelwano. Yebo, benginalo ulwazi lokuthi ngomqhudelwano wamazwe ase-Afrika. Amazwe abedlala kuwona bengiwazi kodwa uhlobo lwemidlalo bengingenalo ulwazi ngayo. EGabon ngathuswa wukushuba kwemidlalo. Wonke amazwe adlalela impilo yawo. Afuna ukunqoba imidlalo. Kule-Afcon sibone ofishi abancane begwinya abakhulu.” kuphetha uBroos. 

Scroll To Top