Now Reading
AbeBafana ohlwini lweCaf lwabashaye into ecokeme ku-Afcon
Dark Light

AbeBafana ohlwini lweCaf lwabashaye into ecokeme ku-Afcon

Seluphumile uhla lwabadlali abayishumi nanye abashaye into ecokeme ku-Africa Cup of Nations (Afcon) ebibanjelwe kwelase-Ivory Coast.

Lo mqhudelwano usongwe ngeSonto ebusuku. Ugcine unqontshwe i-Elephants abesingethe umqhudelwano.

Namuhla emini inhlangano eyangamele ibhola e-Afrika iConfederation of African Football (Caf) ikhiphe uhla lwabadlali abayishumi nanye abadlale ingcwenga yebhola ku-Afcon.

INingizimu Afrika imelwe ngabadlali ababili kulolu luhla. URonwen Williams nguyena ohola leli qembu emapalini bese kuthi esiswini liphathwe nguTeboho Mokoena.

UWilliams uqokwe njengonozinti ovelele ku-Afcon. Udlale imidlalo emihlanu enganenelwa yigoli kulo mqhudelwano ebhekene neNamibia, iTunisia, iMorocco, iCape Verde naneDRC Congo. 

Uphinde waqopha umlando eba ngumdlali wokuqala ukuvimba amaphenathi amane emdlalweni owodwa emlandweni webhola lomhlaba ngesikhathi iBafana iguqisa iCape Verde kuma-quarterfinal.

See Also

Kulo mdlalo ugcine eqokwa njengomdlali ovelele. UWilliams uqokwe njengomdlali ovelele futhi ngesikhathi iBafana ithela othulini iDRC Congo sekukhahlelwa kubangwa indondo yethusi.

Ngakolunye uhlangothi uMokoena uthwale iBafana ikhiphe iMorocco ku-last 16 yalo mqhudelwano. Ushaye ingcwenga ye-free kick. Ukufakwa kwakhe kulolu hla akuzange kwethuse. Ubengomunye wabadlali abagqamile kuwona wonke umqhudelwano.

Selilonke uhla lwabadlali abashaye into ecokeme kuCaf lumi kanje:

  • Unozinti: Ronwen uWilliams (South Africa)
  • Izitobha: u-Ola Aina (Nigeria), uGhislan Konan (Cote d’Ivoire), uWilliam Troost-Ekong (Nigeria), noChancel Mbemba (DR Congo).
  • Esiswini: uTeboho Mokoena (South Africa), uJean Michael Seri (Cote d’Ivoire), noFranck Kessie.
  • Abagadli: uYoane Wissa (DR Congo), u-Ademola Lookman (Nigeria), no-Emilio Nsue (Equatorial Guinea).
Scroll To Top