Now Reading
Ulamulele inhlangano engenzi nzuzo uGodide
Dark Light

Ulamulele inhlangano engenzi nzuzo uGodide

Inhlangano eyangamele bonke oMasipala iSouth Africa Local Government Association (Salga) ibambisene noMngeni-Uthukela Water, baphenduke uMsamariya olungileyo ngesikhathi bevakashele inhlangano engenzi nzuzo ebizwa ngokuthi  iScars Are Blessings NPO.

Le nhlangano engenzi nzuzo yasungulwa ngoNtulikazi wangonyaka wezi-2020, ikhaya layo liseMlazi kwa-N. 

Inhlosongqangi yayo ukuphakela ukudla amalungu omphakathi kusukela ngoMsombuluko kuze kube uLwesihlanu. 

USalga noMngeni-Uthukela Water ufike wanikezela awufikanga ulengise izandla kodwa ufike nokudla. Lo mcimbi ubuhanjelwe uSihlalo wakhona kwaSalga esifundazweni iKwaZulu-Natal uMnu uThamisanqa Ntuli, ikhansela lendawo kuWadi 40 uNks uThando Mchunu, uNkk uQueen Xulu ohola abesifazane kwaSalga kanye namalungu omphakathi. 

ElaboHlanga likhulume noMnu uThemba Nzimande onguSihlalo wale nhlangano ezimele.

“Imithandazo yami ngikholwa ukuthi iphendulekile, ngikhuluma nje bese kuphele amasonto amabili kungekho ukudla esizokuphekela umphakathi. Ngithathe isinqumo sokuthi ngithandaze bese ngizila ukudla ngoba, bengingeke ngikwazi ukudla kukhona abantu abangadlile. Miningi imindeni ephiliswa ile nhlangano yethu” kusho uMphephethe (oNzimande).

See Also

Ebuzwa ukuthi kwabe kuyini inhloso yakhe yokusungula le nhlangano uthe: “Kwakuyisikhathi sokhuvethe kuneLockdown, ngaphelelwa umsebenzi ngahlangana nozakwethu ukuthi asivule inhlangano engezi nzuzo ukuze silekelele abantu. Yize kunezingqinamba ezikhona kodwa ngiyajabula ukuthi kuze kube inamhlanje isekhona le nhlangano futhi kusizakala abantu abaningi ngayo,” ubeke kanje.

Kule nhlangano kusizakale abantu abalinganiswe kwabali-100 njalo ngosuku, lapho kubalwa abantu abadala, izingane, kanye nabantu abaphila ngokukhubazeka.

“Ngiyabonga kakhulu kuMphemba (oNtuli) ngalokho akwenzile, ngoba ngiyazi kungumbono wakhe. Kubuhlungu-ke ukuthi kusuke umuntu wale eKing Cetshwayo, azoqeda usizi lapha eMlaza ekubeni bekhona osomabhizinisi angabe benza lokho” kubeka uNzimande. 

Scroll To Top