Now Reading
Ufunga uyagomela uNetanyahu ngokunqoba eGaza
Dark Light

Ufunga uyagomela uNetanyahu ngokunqoba eGaza

UNdunankulu wakwa-Israeli uBenjamin Netanyahu uyibize “ngokuzikhohlisa” imibandela ebekwe yiHamas uma izodedela iziboshwa ezigcinwe eGaza, uNetenyahu uxwayise ngokuthi ukuvumelana nemibandela kungaholela “ekubulaweni kwabantu abaningi futhi.” 

Engqungqutheleni yabezindaba izolo, uNetanyahu esikhundleni  sokuvumelana nemibandela  ufunge wagomela ukuthi uzoqhubeka nokugadla ngezempi eGaza kuze kutholakale “ukunqoba okuphelele,” kwa-Israeli uphinde wathi u-Israeli lokhu  uzokufeza  “ezinyangeni ezimbalwa”.

“Ngeke sivume noma yini,” kusho uNdunankulu. “Ukuvumelana nemibandela yeHamas yokuzikhohlisa . . . ngeke nje kuphela kuholele ekukhululweni kwalabo ababoshwe yiHamas kepha kuzomema esinye isibhicongo.”

UNetanyahu ugcizelele ukuthi yingcindezi yezempi kuphela kuHamas ezoqinisekisa ukukhululwa kwama-Israeli acishe abe yi-130 asagcinwe yileli qembu, okuhlanganisa nezidumbu zabanye okukholakala ukuthi bashonile.

Uthe utshele unobhala wase-USA u-Antony Blinken ukuthi ngemuva kokuketulwa kweHamas, “Sizokwenza isiqiniseko sokuthi iGaza iphucwa ezombutho kuze kube phakade”. UBlinken uhlangane nezikhulu zakwa-Israeli izolo, kanye noMengameli wasePalestine uMahmoud Abbas eRamalflah, ngenkathi esohambweni lwesifunda.

Ukuvakasha kukaBlinken kuyingxenye yemizamo yokuthola isixazululo okuholwa yi-US kanye neQatar okuhloswe ngayo ukubuyisela ababoshiwe emakhaya futhi ekugcineni kuqedwe impi.

Leli nxusa elikhulu lase-USA lithe kuleli sonto isivumelwano sokudedelwa kweziboshwa ” kwabe kuyindlela engcono kakhulu yokuthola ukuthula” eGaza futhi “sibalulekile ngempela”.

Phambilini izolo wengeze ngokuthi i-USA ibibheke “kakhulu” isiphakamiso seHamas. “Mningi umsebenzi okufanele wenziwe kodwa sigxile kakhulu ekwenzeni lowo msebenzi, futhi ngethemba ukuthi, sakwazi ukuphinda sikhiphe ababoshiwe.”

Ekhuluma ngemuva kwengqungquthela yabezindaba sikaNetanyahu, isikhulu seHamas u-Osama Hamdan uthe: “Imibono kaNetanyahu mayelana nesiphakamiso sokumiswa kwezikhali manje kukhombisa ukuthi uhlose ukuqhubeka nokususa izingxabano esifundeni.”

IHamas yayiphakamise ukuthi kumiswe ukulwa izinyanga ezine nohhafu, ibutho lezempi lakwa-Israeli lihoxe eGaza kanye nokukhululwa kweziboshwa zasePalestine okungenani eziyi-1,500 njengenani layo lokudedelwa kwabo bonke abathunjwa yileli qembu ngesikhathi lihlasela kwa-Israeli mhla ziyisi7 kuMfumfu. yonke iminyaka yokusingatha esayibambile ngemuva kokuhlasela kwayo kwa-Israel ngo-Mfumfu zitisi-7. Isiphakamiso size silandela isivumelwano sohlaka esahlungwa eParis ezinsukwini eziyi-10 ezedlule yizikhulu zase-US, e-Egypt, I-Qatar ne-Israel eyenzelwe ukusiza ukukhululwa kwababeboshiwe kanye nesivumelwano samasonto ayisithupha sokumiswa kwempi.

See Also

IHamas esikhundleni salokho iphakamise ukuthi kumiswe ukulwa izinsuku ezili-135  kanye nokukhululwa kwezigaba ezintathu kwababoshiwe, ethi kuzoletha “ukuthula okuphelele nokuqhubekayo”.

IHamas yabulala abantu ababalelwa e-1,200 futhi yaphinde yabopha amasosha angama-250, ngokusho kwezikhulu zakwa-Israeli, ngesikhathi leliqembu lihlasela ngoMfumfu okwasusa impi. Babalelwa e-110 ababeboshiwe asebekhululiwe abakhululwa ngesikhathi kunesivumelwano sokumisa impi ngonyaka odlule.

Ukuhlasela kuka-Israeli usuziphindiselela kubulale abantu abangaphezu kwezi-27,500 eGaza, ngokusho kwezikhulu zasePalestine, kanye nokuduka kwesigidi esi-1.7 sabantu bakule ndawo abayizigidi ezi-2.3  kanye nenqwaba yomhlaba ingasenamuntu njengoba ingasekho esimweni sokuhlala kwabantu.

Inkulumompikiswano mayelana nemibandela yokukhululwa kweziboshwa kwe-Hamas isibusa kwezombusazwe zakwa-Israeli, kanti izihlobo zalabo abathunjiwe zifuna ukuthi uhulumeni ka-Netanyahu “ukhokha noma yiliphi inani” ukuze babuye. UGadi Eisenkot, oyilungu lekhabethe lempi labantu abahlanu likaNetanyahu, uthe ngenyanga edlule ukukhululwa kweziboshwa kufanele kube inhloso enkulu yempi, ngaphezu kokucekelwa phansi kweqembu iHamas.

Kepha abalingani bakaNetanyahu  basabise ngokuhoxa kumfelandawonye wohulumeni wezinhlangano ezinhlanu uma kuvunyelwana  nale mibandela.

Scroll To Top