Now Reading
UJordaan ucacisa ngekusasa likaBroos kuBafana Bafana
Dark Light

UJordaan ucacisa ngekusasa likaBroos kuBafana Bafana

UMengameli weSouth African Football Association (Safa) uDanny Jordaan uqede ukuqagela ngekusasa likaHugo Broos ocija iBafana Bafana.

Namuhla ekuseni, iBafana yamukeliswe okwamaqhawe esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport ngesikhathi itheleka eNingizimu Afrika.

IBafana iqede endaweni yesithathu ku-Africa Cup of Nations (Afcon) ebibanjelwe e-Ivory Coast.

UJordaan utshele abezindaba ukuthi uBroos akayindawo.

“Mqeqeshi (Hugo Broos) siyabonga ngakho konke osenzele khona. Uhambo lwethu alupheleli lapha kodwa luyaqhubeka,” kuchaza uJordaan.

UBroos kuke kwabasabalala amahebezi okuthi kungenzeka azibeke phansi izintambo zokulolonga iBafana uma kuphela i-Afcon.

Bekuvela imibiko yokuthi usikaza ukuthatha umhlalaphansi. Ngesikhathi kuqhubeka umqhudelwano kwelase-Ivory Coast uke wakucacisa ukuthi akanawo umqondo wokuthatha umhlalaphansi yize esehanjelwe yiminyaka.

“Sisabhekene nenye inselelo (yokufaka iqembu eNdebeni YoMhlaba yangowezi-2026 e-USA, eMexico naseCanada). Okumqoka wukwenza isiqiniseko sokuthi siyaluqeda uhambo. Yingakho ngithi uhambo lwethu luzoqhubeka,” kusho uJordaan.

See Also

IBafana sekuphele iminyaka engamashumi amabili nambili yagcina ukuzibekisela indawo ku-Afcon ngezithukuthuku zayo.

Ngowezi-2006 eGermany yayingabonwa nangalukhalo. Iphinde yayizwa ngendaba iNdebe YoMhlaba ngowezi-2014 eBrazil.

Lolu khondolo olubi luqhubekile naseRussia ngowezi-2019 nangowezi-2022 eQatar.

IBafana yagcina ukudlala eNdebe yoMhlaba ngowezi-2010 ingosokhaya. Ngaphandle kwalokho yagcina ukuzibekisela indawo ngezithukuthuku zayo eJapan/Korea ngowezi-2002.

Scroll To Top