Now Reading
Ngimi nomdlali wami waseNigeria; Mpengesi
Dark Light

Ngimi nomdlali wami waseNigeria; Mpengesi

USihlalo weChippa United uSiviwe Chippa Mpengesi usekubeke kwacaca ukuthi yena uzobe eseka iNigeria bese itholene phezulu neBafana Bafana, kowandulela owamanqamu e-Africa Cup of Nations (Afcon).

Lokhu kuvele kwisitatimende esibhalwe iChippa United, esikhiphe namhlanje ekuseni .

“Ngithanda ukubongela abadlali abangaphezulu kwabangama-30 abadlala kwi-Premier Soccer League (PSL), abazivele bebhekene nabadlali abadlala kumaligi ahlonishwayo emhlabeni. Sibonga uHugo Broos ongumqeqeshi ukuthi akholelwe kubadlali, abadlala lapha ekhaya” kusho isitatimende.

Siqhuba sithe: “Njengosihlalo weChippa United nomhlali waseNingizimu Afrika oziqhenyayo, ngizithola ngisesimeni esihlukile kule Afcon ka-2023. Umdlali wethu waseNigeria uStanley Nwabali usenze ezibukwayo (kwi-Afcon).
Ukudlala kahle kwakhe eqenjini lesizwe laseNigeria sekumfakele amehlo abantu abaningi emhlabeni, kwamenza yena neqembu sahlonishwa umhlaba wonke.
Ngenxa yalokho mina neChippa United seseka uNwabali neNigeria, njengoba izobhekana neBafana Bafana. Siyifisela okuhle yodwa iSuper Eagles” kusho isitatimende.

See Also

Lo mdlalo uzoqala ngehora lesi-7 kusihlwa.

Scroll To Top