Isiteleka eShaka sizodunga usuku lwezithandani
Njengoba kusasa kuwusuku lwezithandani olubizwa ngeValentines Day, labo ababheke ukuyongcebeleka epaki uShaka Marine World, eThekwini bangase bazithole kudingeka bashintshe izinhlelo njengoba abasebenzi abangaphansi kwenyunyana iSouth African Municipal Workers Union (Samwu) bezongenela isiteleka. Abasebenzi bakhala ngokushaywa indiva uma sekuziwa ekunyuselweni amaholo okuyinto abathi isiqhubeke isikhathi eside.
UNobhala weSamwu Esifundeni iTheku uMnu uXolani Dube uthe bazithola bekulesi simo nje kusukela esinqumweni sabaphathi beShaka abanxusa inkampani yabacwaningi mabhuku iDeloitte ukuba yenze uphenyo nezincomo ngezigaba zabasebenzi ezikhundleni abakuzo.
UDube uqhuba uthi ngesikhathi ucwaningo seluphothuliwe, izincomo zenziwa zase ziyaqala ukusebenza. “Kwavela ukuthi abantu abahlomulayo ngokunyuselwa kuma grades amakhulu kwaba ngabasezikhundleni eziphezulu, labo abasesigabeni esiphansi banganikwa lutho”.
Ngokusho kwakhe udaba ludluliselwe kubaxazululi kwaCCMA.
Yize usuku lwakusasa lokuqala kwesiteleka sekuvunyelwene ngalo, uDube uthi izandla zabo basazivulile uma umqashi okungumasipala weTheku ezintsha ukwenza. UDube bayakwazi ukuthi lesi sikhungo asisokoli ezimalimi, futhi banawo umbiko ofakazela lokhu. UDube uthe abaphathi base behambe ibanga elide ekulungiseni isiphakamiso ababesenzile samaholo kwagcina kuphela kanjalo.
Omunye wabasebenzi bale ndawo ocele ukungadalulwa ukuze kuvikelwe umsebenzi wakhe uthe iShaka isiphenduke indawo yokucebisana kwamaComrade KwaZulu-Natal. “Sike sibone sekuvumbuka abantu nje uzwe usutshelwa ukuthi uzothatha isikhundla esithile esingazange siknangiswe. Emuva kwesikhashana futhi uyabona akasekho sekufakwa omunye. Bonke labantu bafike baxebule imali bashaye bachithe. Yize sibonga ukuthi sisenawo umsebenzi phezu kwesimo esinzima sokuntuleka kwayo, kodwa siyadinga ukuhlonishwa, saziswe lapho kuba khona nezinguquko”.