UMavuso usehlukene noSuthu ngemuva komdonsiswano wesikhathi eside
Ligcine ligqashukile igoda phakathi kukaMswati Mavuso naMaZulu FC.
ElaboHlanga lithole ngemithombo yalo engashayi eceleni ukuthi usuphelile umshado phakathi kukaMavuso noSuthu.
Lo mdlali oyibamba esiswini ufike kuMaZulu ngoMasingana wangonyaka odlule. Usayinwe ngemuva kokuhamba kukaMakhehleni Makhuala.
Unikwe inkontileka yezinyanga ezinhlanu ehambisana nombandela wokuthi ingalulwa ngeminyaka emibili uma iqembu leneme ngendlela adlala ngayo.
NgoMbasa iqembu lithathe isinqumo sokusebenzisa umbandela wokwelula inkontileka yakhe ngeminyaka emibili.
Ngaphambi kokuthi kuqale isizini uMavuso utshelwe ukuthi akekho ezinhlelweni zomqeqeshi omusha uPlabo Martin.
Iqembu limnike isicelo sezinyanga eziyisithupha ukuze kuhlukanwe. UMavuso nemenenja yakhe basichithile lesi sicelo.
Uqhubekile wahlala eqenjini kodwa ejima nabanye abadlali abebengekho ezinhlelweni zomqeqeshi.
ElaboHlanga lithole izindaba zokuthi uMavuso ubebuye angawutholi umholo wakhe ngesikhathi obekuyizindlela zokumhlukumeza.
Ekuqaleni konyaka Usuthu luqhamuke nohlelo lika-189 ngaphansi kwemithetho yabasebenzi. Belihlela ukudiliza uMavuso nabanye abadlali.
“UMavuso ubizelwe emhlanganweni emibili. Owokuqala ubuchaza ngohlelo lokudiliza. Owesibili ubucasacisa ngohlelo olufanayo. Ngemuva kwalo mhlangano obungoLwesibili olwedlule, iqembu licele uMavuso nemenenja yakhe ukuthi bababhalele isicelo sokuhlukanisa. Nangempela imenenja kaMavuso, uMinenhle Mkhize ilubhalele Usuthu. Ngemuva kosuku iqembu liphendulile liqinisekisa ukuthi liyasamukela isicelo. Umdlali usayinile neqembu lasayina,” kubeka umthombo osondelene nalolu daba.
Kuthintwa uMkhize uqinisekisile ukuthi ngempela uMavuso usehlukene noSuthu.
“Yebo, kuyiqiniso ukuthi uMavuso akasesiyona ingxenye yoSuthu. Usehlukene neqembu. Singene esivumelwaneni esivuna izinhlangothi zombili. Njengamanje siphansi phezulu sihlela indaba ye-Visa kaMavuso. Kuneqembu laseSweden azoya kohlolwa kulona. Angingabazi ukuthi konke kuzohamba kahle. Leli qembu liyoqala amalungiselelo esizini entsha ngempelasonto. Uma konke sekulungile sizolidalula igama leqembu,” kubeka uMkhize.