Now Reading
IBafana iyifuna uthuli indondo yethusi ku-Afcon
Dark Light

IBafana iyifuna uthuli indondo yethusi ku-Afcon

IBafana Bafana ngeke izithele ngabandayo kusasa ngele-10 ebusuku eStade Bouake e-Ivory Coast uma isibanga indondo yethusi neqembu lesizwe laseDRC.

Elakuleli lithelwe othulini yiNigeria ngama-4/2 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni ophele zibambene ngeli-1/1 kowandulela amanqamu e-Africa Cup of Nations (Afcon).

Ngakolunye uhlangothi iDRC iguqiswe ngosokhaya i-Elephants ngeli-1/0 kowandulela amanqamu.

Isitobha seBafana uSiyanda Xulu ukubeke kwacaca ukuthi bazimisele ukuvala i-Afcon ngenothi eliphezulu.

“Siyaqonda ukuthi umsebenzi awuphelile. Sisenomdlalo osihlalele. Sisabhekene nomthwalo wokulwela ukuqeda endaweni yesithathu. Yebo, sonke besifuna ukudlala kowamanqamu kodwa siyaziqhenya ngebanga esilihambile kulo mqhudelwano. Sizimisele ngokuthola indondo yethusi,” kubeka uXulu.

IBafana ibiqala ukufinyelela kowandulela amanqamu ngemuva kweminyaka engamashumi amabili nane. Ngowezi-2000 yaqeda endaweni yesithathu kwelaseNigeria naseGhana ababesingethe umqhudelwano ngokuhlanganyela.

See Also

“Ngesikhathi kuqala umqhudelwano besifisa ukuhamba ibanga elide. Isifiso sethu esikhulu kunazo zonke bekuwukudlulela esigabeni somkhumulajezi. Sijabula futhi siyaziqhenya ngokuthi sikwazile ukufeza izifiso zethu ebesizibekele zona ngaphambi kokuthi kuqale umqhudelwano.” kuphetha uXulu.

UHugo Broos nezakhe bamangaze inqwaba kulo mqhudelwano. KuLast 16 bakhiphe iMorocco ebithwelwe ngeqoma. 

Scroll To Top