Now Reading
Owayengumholi wasePakistan ugwetshwe iminyaka elishumi
Dark Light

Owayengumholi wasePakistan ugwetshwe iminyaka elishumi

Lishone elayizolo selimlahlile uMnu u-Imran Khan owayengundunankulu wasePakistan. Ugwetshwe iminyaka eli-10 ejele. Lesi sinqumo sithathwa kabanzi njengengxenye yomkhankaso wamasosha wokumbeka eceleni yena neqembu lakhe, futhi siza esikhathini esingangesonto ngaphambi kokhetho lukazwelonke lokuqala selokhu uKhan aketulwa esikhundleni ngoNdasa wezi-2022.

Abahlaziyi bathi ukhetho luzoba ngolungathembekile  kakhulu emlandweni weminyaka engama-76 wasePakistan.  Amasosha  isikhathi eside abeyisandla esingabonakali esiqondisa ipolitiki yasePakistan ngokugxambukela okhethweni phambilini. Kulokhu isandla sawo siyabonakala kakhulu kasifihlwa futhi kasifihleki.

Udumo lukaKhan – yize eboshiwe emacaleni amaningi omthetho futhi wavinjwa ukuthi angenele ukhetho lukazwelonke lusalokhu luphezulu selokhu asuswa esikhundleni, uKhan athi umbutho wabe nesandla kukho. Umbutho wezempi  kodwa wona uyakuphika lokhu. Ulaka lomphakathi olubhekiswe emasosheni luyadlondlobala, njengoba namalungu aphezulu ePakistan azithola eseboshwa ngemuva kokweseka uKhan.

See Also

Kuleli cala uKhan ubesolwa ngokuputshuza izimfihlo zombuso. Lesi sinqumo sikhishwe yinkantolo eyisipesheli, eyasungulwa ngonyaka odlule, abathi abahlaziyi  iphambene nezifiso zamasosha. UKhan ubize ukuqulwa kwecala “njengomdlalo obusuhleliwe,” futhi iqembu lakhe lithe lizosiphikisa lesi sinqumo.

Scroll To Top