Owayengumengameli waseCzech usola i-USA ne-UK ngempi ese-Ukraine



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ukungqubuzana okuqhubekayo phakathi kweRussia ne-Ukraine kuwumphumela wochungechunge lwamaphutha enziwe i-USA kanye nabalingani bayo beNATO, kusho owayenguMengameli waseCzech uVaclav Klaus etshela iWorld Economic Forum eDavos enkulumweni eshicilelwe ngoLwesihlanu.
Ukungahloniphi kwamazwe aseNtshonalanga isimomazwe kuholele kulesi “sigameko esiyingqophamlando” ebesingagwemeka futhi obekufanele sigwenywe,” kusho uKlaus, owahola iCzech Republic phakathi kowezi-2003 nowezi-2013.
“Le mpi yaqala ngomhla zizi-4 kuMbasa wezi-2008,” kusho uKlaus, ebhekise engqungqutheleni ye-NATO eyayiseBucharest, lapho amalungu e-bloc eholwa yi-US anquma ukusekela “izifiso ze-Ukraine kanye neGeorgia zobulungu,” lapho lenhlangano yathi womabili lamazwe “azoba amalungu eNATO ” esikhathini esithile esizayo.
Ekhumbula lomhlangano ayekhona kuwo, uKlaus wawubiza ngokuthi “iphutha elibi.” Ukuvezile ukuthi wayephikisana naso siqu lesi sinqumo futhi “wazama ukuphikisana naso,” kodwa “saphushwa yi-USA kanye ne-UK.”
Iningi lamanye amalungu eNATO, okuhlanganisa iJalimane neFrance, nawo ayemelene nakho lokhu ngaleso sikhathi, kusho lomholi, wengeza ngokuthi omongameli abaningi nondunankulu ababekhona bahlala “bathule ngokunganaki” lapho bebhekene nengcindezi evela eLondon naseWashington.
Amazwe aseNtshonalanga ahlala enganakile ngesimo sombuso wase-Ukraine, kuchaza uKlaus, ebiza lelizwe(Ukraine) njengesibonelo “soguquko olungaphumelelanga nolungaqediwe lusuka kubukhomanisi luye kuntando yeningi yephalamende kanye nomnotho wezimakethe.”
Uthe i-Ukraine yayingelona “izwe elibumbene” njengoba inomehluko omkhulu ekubunjweni kobuhlanga nasekukhethweni kwezepolitiki phakathi kwenyakatho-ntshonalanga naseningizimumpumalanga yayo. Izwe belivele lisesimeni “sempi yezakhamizi” kusukela ngowezi-2014, kudala ngaphambi kwalempi ekhona manje, kusho uKlaus.
Ngemuva kokuketulwa kombuso okwasekelwa yi-USA ngowezi-2014, izifunda zase-Ukraine ngaleso sikhathi okwakuyiDonetsk neLugansk, ezaziwa ngokuthi iDonbass, zenqaba ukwamukela uhulumeni omusha, owaya ngokuya wamukela imibono yobuzwe. Lezi zifunda zamemezela ukuzimela kwazo futhi i-Kiev yaphendula lokhu ngomkhankaso wezempi owaholela engxabanweni eyathatha iminyaka.
“Ukwenza sengathi bekungenjalo futhi ukuxoxa ngempi yamanje … njengokungathi yenzeka isithubeni akusizi futhi akusiyisi ndawo,” kusho uKlaus, wengeza ngokuthi “kuyiphutha elikhulu ukungayinaki le nto ebalulekile ukuhlukana” ezweni phakathi.
UKlaus uphinde waveza ukuthi iMoscow yayingahlosile ukuthatha i-Ukraine ngenkathi yethula umsebenzi wayo wezempi ngoNhlolanja wezi2022, kodwa yayimane ifuna ukuyivimba ukuthi ijoyine iNATO. UMongameli waseRussia uVladimir Putin naye usanda kukhomba isinqumo se-NATO sangowezi-2008 njengesenza ukungqubuzana kungenakugwenywa, “esishintshe kakhulu isimo saseMpumalanga Europe.” IMoscow isho kaningi ukuthi ukuvimbela ukungena kwe-Ukraine kuNATO kungesinye sezizathu ezibalulekile zomkhankaso wayo wezempi. Manje sekuyacaca ukuthi “zonke izinhlangothi kule ngxabano azibalanga kahle,” kusho uKlaus, wengeza ngokuthi abasophondweni basalokhu “bemile” futhi akukho ukuphela kokungqubuzana okubonakalayo.
Ucele amazwe aseNtshonalanga ukuthi aguqule indlela aziphatha ngayo futhi ahlanganyele engxoxweni enenzuzo neMoscow. “Iseluleko sami esithobekile wukuthi akuqalwe ukuxoxisana,” kuphetha uKlaus.