Now Reading
Ugcobho ekuthengweni kwezikhali e-Ukraine
Dark Light

Ugcobho ekuthengweni kwezikhali e-Ukraine

Uphiko lwezokuphepha e-Ukraine i-SBU lubike ukuthi seluvumbulule uhlelo lwenkohlakalo ekuthengweni kwezikhali. Ngokombiko inkohlakalo lena ilinganiselwa ezigidini ezingama-$40.

Lombiko ubukeka uzoza nokukhuluma ezweni kanjalo nakumazwe asetshonalanga okuyiwo aseka i-Ukraine ngemali nezikhali. Okunye okungahle kube yinkinga ngalombiko yisicelo se-Ukraine sokuba yilungu eliphelele le European Union.

I-SBU ithe uphenyo “ludalule izikhulu zoMnyango Wezokuvikela kanye nabaphathi benkampani ethengisa izikhali i-Lviv Arsenal.

“Ngokophenyo, izikhulu zangaphambili nezikhona njengamanje ezisezikhundleni eziphezulu zoMnyango Wezokuvikela kanye nezinhloko zezinkampani ezisebenzisana nazo ziyabandakanyeka ekukhwabaniseni imali.”

Lokhu kukhwabanisa kuvela ukuthi kuthengelwe umbutho amagobolondo ensimbi( shells) ayizi-100 000. I-SBU ithe inkontileka yamagobolondo yatholwa iLviv Arsenal ngoNcwaba wezi2022 – izinyanga eziyisithupha impi isiqalile – futhi inkokhelo yenziwa kusenesikhathi, enye imali yadluliselwa phesheya.

Kodwa azikho izikhali ezake zalethwa, kusho isitatimende, kanti ezinye izimali zabe sezithuthelwa kwamanye ama-akhawunti angaphandle.

Isitatimende sithe abantu abahlanu banikezwe “izaziso zokubasola” – okuyisigaba sokuqala ezinkantolo zezomthetho zase-Ukraine – okuhlanganasi abantu bomnyango kanye nabaphakeli bezikhali. Umsolwa oyedwa, kuvele ukuthi, uboshwe ngesikhathi ezama ukuwela umngcele wase-Ukraine.

See Also

Inkohlakalo ngaphakathi kwezempi ibe yinkinga ebucayi ikakhulukazi e-Ukraine njengoba izama ukugcina isimilo somphakathi ngesikhathi sempi futhi yethula udaba lwayo lokujoyina i-EU yamazwe angama-27.

UNgqongqoshe Wezokuvikela u-Oleksii Reznikov waxoshwa ngoMandulo nyakenye ngamacala enkohlakalo ahlukene naphezu kokujabulela idumela eliqinile lokumela i-Ukraine ezingxoxweni zayo nabalingani baseNtshonalanga.

Nakuba kwakungasolwa ukuthi wenza inkohlakalo yena mathupha, amacala amaningi athinta amasosha ngaphansi kobuholi bakhe, elinye elokunikeza amasosha ukudla, elinye elokuthengela amasosha izingubo ezifanele.

Scroll To Top