Icala lembubhiso yabantu e-Ukraine
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Inkantolo ephakeme ye-United Nations ngoLwesihlanu inqume ukuthi izolalela icala lapho iKyiv (inhlokodolobha yase-Ukraine) eyicele khona ukuthi imemezele ukuthi ayizange ibulale abantu empumalanga ye-Ukraine, njengoba iRussia yasho njengezaba zokuhlasela umakhelwane wayo omncane.
I-Ukraine yaletha leli cala eNkantolo i-International Court of Justice (ICJ), eyaziwa nangokuthi iNkantolo Yomhlaba, ngemva kwezinsuku iRussia ihlasele i-Ukraine ngokugcwele ngoNhlolanja kowezi-2022.
NgoLwesihlanu, abehluleli bathole ukuthi inkantolo inegunya lokulalela ingxenye encane yecala lokuqala. Abehluleli basichithile isicelo se-Ukraine sokukhipha isinqumo sokuthi ukuhlasela kweRussia kwephula yini iGenocide Convention yangowe-1948.
Esikhundleni salokho ithimba labehluleli abali-16 lithe lizokhipha isinqumo ngokuhamba kwesikhathi mayelana nokuthi i-Ukraine yaqothula yini ubuhlanga endaweni yaseDonetsk naseLuhansk empumalanga ye-Ukraine manje esiphethwe yiRussia.
“Kubalulekile ukuthi inkantolo inqume ngodaba lokuthi i-Ukraine ayinacala ekubulaweni kohlanga okuyinganekwane iRussian Federation yaqamba amanga ngokuthi i-Ukraine ikwenzile,” omele i-Ukraine u-Anton Korynevych etshela izintatheli e-ICJ.
Ubuye wengeza ngokuthi kubalulekile futhi ukuthi umyalo ophuthumayo wenkantolo ngoNdasa wezi-2022 wokuthi iRussia imise ngokushesha ukusebenza kwayo kwezempi e-Ukraine umile.
Yize izinqumo zenkantolo ziwujuqu futhi zibophezela ngokomthetho, ayinayo indlela yokuzisebenzisa futhi amanye amazwe, njengeRussia, bezihlale zingayigqizi qakala imiyalo yayo. Ekuqulweni kwamacala ngoMandulo nyakenye, abameli baseMoscow banxusa amajaji ukuba alichithe lonke icala, bethi izizathu ezingokomthetho zeKyiv zazinamaphutha futhi inkantolo ayinalo igunya.
NgoLwesihlanu, abehluleli bamukele okunye ukuphikisa kweRussia kodwa bavumela isicelo se-Ukraine sokuthi inkantolo ikhiphe isinqumo sokuthi abukho “ubufakazi obuphathekayo bokuthi i-Ukraine yenza ukubulawa kwabantu ngokwephula iGenocide Convention” empumalanga ye-Ukraine. Kungase kuthathe izinyanga eziningi ukuqulwa kwecala ngokufanele.
I-Ukraine phambilini ibike yathi abukho ubungozi bokuqothulwa kohlanga empumalanga ye-Ukraine, lapho ibikade ilwa namabutho asekelwa yiRussia kusukela ngowezi-2014.
I-Ukraine ithole ukuwina okuncane e-ICJ ngoLwesithathu lapho abehluleli benquma ukuthi iRussia yephule izivumelwano ze-UN ezimelene nokuxhaswa ngezimali kobuphekula nokucwasa ecaleni elihlukile elibhekene nezigameko zangowezi-2014.