AmaKhomanisi asola uDe Ruyter ngokuphambana nomthetho



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
ISouth African Communist Party (SACP) isole obeyisikhulu kwa-Eskom u-André de Ruyter (osesithombeni) ngokwephula umthetho wezwe wokulwa nenkohlakalo.
UDe Ruyter uveze engxoxweni abe nayo nesiteshi sethelevishini esizimele ukuthi iqembu elibusayo liphatha u-Eskom njengendawo yokudla imali. Uphinde wathi kunongqongqoshe othize onesandla ekudliweni kwemali kwa-Eskom.
I-African National Congress (ANC) inikeze uDe Ruyter izinsuku eziyisikhombisa zokuthi abikele iziphathimandla ngabasolwa ngenkohlakalo futhi aveze ubufakazi benkohlakalo athi yenzeka kwa-Eskom noma abhekane nengalo yomthetho.
Okhulumela iSACP kuzwelonke u-Alex Mashilo, “Uma uhlonza isenzo senkohlakalo noma usiqaphela, ngokushesha, kufanele ubikele abomthetho. Lokhu kuyimfuneko ngokomthetho wethu wokulwa nenkohlakalo. Okufanele kwenzeke manje wukuthi abomthetho baphenye ukuthi unalo yini ulwazi olunjalo futhi akazange ababikele. Kuzovela njengokwephula umthetho wethu wokulwa nenkohlakalo.”
Khonamanjalo u-Eskom usumemezele ukuqashwa kukaCalib Cassim njengesikhulu esiphezulu senkampani ephehla ugesi ngokushesha. Esitatimendeni, u-Eskom uthi uCassim uqokwe njengeChief Financial Officer ngoLwezi wezi-2018 ngemuva kokusebenza njengebamba lesikhulu esiphezulu sezimali kusukela ngoNtulikazi wezi-2017.
Lokhu kulandela isimemezelo sebhodi lakwa-Eskom sokuthi u-Andre de Ruyter uzoshiya inkampani kagesi kusukela ngoLwesithathu.
UDe Ruyter wesula esikhundleni sokuba yiCEO ngoZibandlela, esho ukuntula ukwesekwa kwezombusazwe ekuxazululeni inkinga yamandla kagesi.