Now Reading
ISILO nohlelo lokuhlanganisa izingwevu nentsha kaZulu
Dark Light

ISILO nohlelo lokuhlanganisa izingwevu nentsha kaZulu

Iyaqhubeka iMbube nokutshala okusha esizweni kanjalo nokunisela okudala


‘Kalikho izwe labantu abadala kuphela, lingekho nezwe labancane kuphela. Okumele sikwakhe yizwe lapho abasha nabadala beyophila ngokuhloniphana’.  Lawa ngamagama ashiwo yiSILO esidala, uBhejane eSishayamthetho saKwaZulu-Natal. Lenkulumo ibukeka izofezeka uma zonke izinhlelo zeSILO esisha ziphumelela.

Sikhuluma ngoLwesibili kwisifundo ebesihlonipha uMntwana wakwaPhindangene nebesihlelwe ngabeButhelezi Foundation, ISILO simemezele ngomsebenzi wokuhlanganisa izingwevu nentsha kaZulu. Sikusho lokhu sabe sesijuba ukuba uMntwana njengengwevu kanye noNdunankulu kaZulu asilekelele ekubumbeni uZulu wanamuhla nakusasa.

“IsiZulu Mageba sithi kushaywa edonsayo. Yize ngazi ukuthi lona akuwona umcimbi wakoMkhulu kepha ngithi ngamandla enginikwe wona njengeNkosi yakho, namuhla ngikunika omunye umsebenzi. Lo msebenzi ngifisa uwenzele isizwe kanye nami uqobo.  NjengoNdunankulu kaZulu ngikujuba ukuba uhlanganise izingwevu, mina ngizohlanganisa intsha kaZulu. Ngikunika lomsebenzi ngoba kungaba wubuwula ukuba singakusebenzisi ezintweni ezizokwakha izinto ezizothuthukisa uZulu neziyoba wubufakazi bokuthi sake saphila.  Akekho omunye ebenginganika yena lomsebenzi kepha nguwe owufanele,” kusho ISILO nokube sekuduma ihlombe nemikikizo abantu benanela lenkulumo.

OMdala uthe inhloso yaloluhlelo wukubuka iminyaka engama-50 ezayo nathe lokhu kudinga abadala nabancane. Lokhu kukhuluma akuqali njengoba nangosuku  lwesikhumbuzo seMpi yaseSandlwana nonyaka sisho okufanayo nayilapho sithe intsha kaZulu ayibe yingxenye ‘yokubuswa kwayo’. Nabafundi belaboHlanga bananele lenkulumo yeSILO. UMnu uSandile SK Zungu uthe: “Ngathi kuzofezeka iphupho lami lokuthi, Njalo makuyiwa eSandlwana ngiyaye ngifise kube nombiko osho ukuthi uZulu wenzani ukuba nekusasa elingcono, izinjinga zakwaZulu zixhasani ukwenza ingane yomZulu ibengcono. Uhlelo lwama scarce skills KwaZulu. Uhlelo lwe Ndoda neNdodana, alufundisa amakhono angandile, nalabo asebayeka noma abangaphiwe ukuqeda uMatric. Ngifisa kube nohlelo lokuqeqesha maphakathi nonyaka. UMnu uMbongeni Shezi yena ugiye waqephuza wathi,  “Hlangana Zulu kaMalandela. Angathi ningabonisana nangokuzimela kweleNdlovukazi  uMthaniya.”

See Also

Okunye okuqaphelekayo wukuthi ekubuseni kwaso ISILO esisha, sixuba okudala nokwabe kwethulwe nguyise kanti kancane kancane sitshala nokusha emqondweni wabantu.  Sikhuluma ekuqaleni konyaka mhla sivula iSishayamthetho ISILO sathi: “Umhla zingama-20 kuNcwaba waqala ikhasi elisha empilweni yami njengoba kwaba njalo nakuZulu. Ngosuku olwandulela lolo insizwa engabe ngizalwe ngiyiyo yafa. Ngangena eSibayeni saseNdlovini ngiyinsizwa kaBhejane ngaphuma sengiyiNkosi. Lapha umunwe womlando wabe usungikhombe ukuba ngihlale eSihlalweni saMakhosi amadala. Akugcinanga lapho kepha wabe usungikhomba ukuba ngibe yiNkosi yesifundazwe iKwaZulu-Natal njengokulawula komthetho owashaywa yileNdlu ehloniphekileyo.

“Ngikubalula lokhu ngoba lolu suku lwaqala ikhasi elisha kithi sonke. Khona lapho ngiyafisa ukugcizelela ukuthi leli khasi elisha alisho ukuqala phansi ngoba iSihlalo engihleli kuso sidala futhi siyoqhubeka ngisho mina ngingasekho. Ikhasi elisha engikhuluma ngalo lisho ukuthatha konke okuhle nokuyizimfundiso zayizolo. Lisho ukufunda nokuqala okusha kuya phambili. Angingabazi ukuthi leli yikhasi elisha kithi sonke,” kusho ISILO.

Scroll To Top