Ubuyile umthakathi wezindaba

by Anathi Mtaka
March 17, 2023


Anathi Mtaka
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UXi Jinping ngoLwesihlanu uthole ihlandla lesithathu leminyaka emihlanu njengomongameli waseChina njengoba eqinisa amandla akhe njengomholi wezwe onamandla kunabo bonke kusukela kuMao Zedong.
Amalungu acishe abe yizi-3,000 ephalamende laseChina, iNational People’s Congress (NPC), avotele ngazwi linye eGreat Hall of the People ukuthi uXi, oneminyaka engama-69, abe ngumongameli okhethweni lapho bekungekho omunye umuntu obengenela ukhetho.
Ukuvota kuthathe isikhathi esingangehora kanti ukubalwa kwaqedwa cishe emizuzwini eli-15.