UNgqongqoshe uDidiza neqhingasu lokuhlenga ezolimo enkingeni kagesi



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe WezoLimo, UkuBuyiswa Komhlaba kanye Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya uThoko Didiza uthi isimo sikagesi esingaphansi kwesimo senhlekelele senza kusebenze izinyathelo ezizovumela ezolimo ukuthi zisebenze.
UDidiza uthe uhulumeni ubheke nokweseka abalimi abafuna ukukhiqiza awabo amandla ngokusebenzisa izindlela zezimali ezihlanganisiwe. Ungqongqoshe uthi usexoxile nabakwa-Eskom ukuze bathole ukungenelela kwesikhashana okungase kusetshenziswe ukugwema ubungozi bokuntuleka kokudla ezweni.
UDidiza ubekhuluma nabezindaba esithangamini songqongqoshe esimayelana nezinhlekelele mayelana nogesi ePitoli.
“Abanye balabo bebebheka i-off-grid lapho okunye okutshalwa yibhizinisi lezolimo nezinye izinhlaka ezinkulu zezolimo zikwazi ukuqasha amasolar anjalo kanti ezinye zikwazi ukuqhubeka nokukhiqiza. Okwesibili ukungenelela kube wukubheka ukuthi isikhathi sokucinywa kukagesi ikakhulukazi lapho kugxilwe khona ukuchelela, singasebenza ngokuvumelana nalabo bakhiqizi nalezo zindawo.”