Now Reading
Kuhlangene imhlathi eyazanayo
Dark Light

Kuhlangene imhlathi eyazanayo

Ukuhlangana kwamabhele amabili kutatazelisa awaseNtshonalanga


UVladimir Putin kanye “nomngane wakhe othandekayo” umholi waseShayina uXi Jinping bahlele ezinye izingxoxo ngoLwesibili ngemva kwesidlo sakusihlwa ebesiseKremlin lapho umongameli waseRussia ethole umusa kumngani wakhe onamandla kunabo bonke lapho ebhekene namazwe aseNtshonalanga ngenxa yempi ese-Ukraine.

Lokhu luvakasha kuza ezinsukwini ezimbalwa ngemuva kokuba inkantolo yamazwe ngamazwe isole uPutin ngamacala empi, iWashington ikugxekile ukuvakasha kukaXi, yathi kukhombisa ukuthi iBeijing ihlinzeka iMoscow “ngesembozo sobuzwe” ukwenza amacala amaningi.

Scroll To Top