Iyasuka iyahlala kusasa ngoMgqibelo imidlalo yeNdebe YoMhlaba yabesilisa abaneminyaka engaphansi kweminyaka engama-20.
Ikhomishana eholwa uMehluleli uMadlanga isikuqinisekisile ukuthi isikhulu sezobunhloli emaphoyiseni uMajor General Dumisani Khumalo uzovela kuyo.
Usenukisa okweqaqa uNetanyahu.
Ithimba loKlebe (Hawks) seliphinde lagasela ekomkhulu leCity Power eGoli namhlanje liyoshaqa ubufakazi. Lokhu kumayelana nokuthengwa…...
INgonyama ikhuze umhlola ngendaba yokuthi amadoda asangakwazi ukubiza izibongo zamakhosikazi awo.
ISILO situse indlela esisebenzisa kahle ngayo noNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal uMnu uThamisanqa Ntuli.
Kule sizini izobe idlala esigabe se-Safa ABC Motsepe League kwisiFunda iWestern Cape.
Icala lokukhwabanisa, lokweba kanye nelokushushumbisa imali elibhekene nalowo owayengumkhulumeli we-ANC kuzwelonke, uPule Mabe, lizobuyela enkantolo yaseGoli, ePalm Ridge, eKurhuleni.
UNgqongqoshe Wezempilo, uDkt. Aaron Motsoaledi uzokwamukela namuhla umbiko wophenyo ngezinsolo zokucwaswa ngokwebala kwabezempilo boHlanga.
UMchunu uthe akukwazi ukuthi iziNduna nomphakathi sekungathi babuyiselwa umhlaba bese beba amagwala bayeke ukulwela umhlaba okungowabo.
Uthwele kanzima umasipala waseBig 5 Hlabisa ngenxa yezakhamuzi ezigoloza ukukhokhela izidingo. Kuthiwa sezihlule ngisho sencengwa…...
Inkundla obesekuphele isikhathi ingasebenzi uMhlathuze Sport Complex kulindele iqale ukusebenza ngemidlalo yeKZN Premier's Cup.
Kuvela ukuthi impi kaCebekhulu noSambu kungenzeka ibuyele eringini.
UButi Manamela uvikele uDkt. Nobuhle Nkabane ekuhlaselweni ngamanye amaqembu ezombusazwe.
I-Operation Dudula ike yaba sematheni muva nje ngokugasela emabhilidini aduniwe eGoli.
UKhulekani Shezi oyisitobha seSekhukhune United kubukeka emancane amathuba okuthi usezophinde aligqoke ijezi laleliqembu.
UWatenga ulimale kanzima ngesikhathi izwe lalapho adabuka khona i-Uganda idlala umdlalo wobungani neMorocco.
Akasekho emhlabeni umgadli weLiverpool FC ongowokuzalwa ePortugal uDiogo Jose Teixeira da Silva owaziwa kakhulu ngokuthi uDiogo Jota.
IMagesi FC esanda kuhlukana no-Owen Da Gama obengumqeqeshi wayo, isithole umqeqeshi omusha.
I-DA KwaZulu-Natal ifuna kuhoxiswe ukuqokwa kwesikhulu esisha sezimali eMnyangweni wezeMfundo.
Lawa ngamazwi owayenguMgqugquzeli kaZwelonke we-MK Party, uMcDonald Mathabe.
Kubukeka kuyimithandazo kuphela engenza iqembu laKwaZulu-Natal iMidlands Wanderers FC, ikwazi ukudlulela kowandulela owamanqamu emidlalweni yamaPlay-Offs…...
ISekhukhune United isiphinde yamemezela ukuthi isihlukane nomunye umdlali.
UJeanne Adriaanse usenxuse uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi axoshe uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uDkt Nobuhle Nkabane.