Imilomo nezinkulumo ziyavunana kwiningi elishiya noma elixoshwa ezikhundleni eqembeni uMkhonto Wesizwe.
IPhini likaMengameli uPaul Mashatile uthe iNational Dialogue izoqhubeka nokwakha izwe elingcono.
Bamsola ngokuthatha izinqumo ngayedwana.
UMmusi Maimane uthi isiphakamiso sokungamethembi uMengameli Cyril Ramaphosa siyindlela yokuzuza amaphuzu ashibhile kwezepolitiki.
ElaboHlanga lithi hlanganani nibe munye njengebumba likasimende.
I-Good party ithi ukusabisa kweDemocratic Alliance (DA)sokuthi ihlela ukuletha isiphakamiso sokungamthembi uMengameli Cyril Ramaphosa kuwubudedengu…...
UFikile Mbalula usenxuse amalungu kaHulumeni Wobumbano ukuthi abeke eceleni ukungaboni ngaso linye kwezepolitiki futhi ahlangane abe yimbumba.
UFikile Mbalula useziphikile izinsolo zokuthi le nhlangano isebenzisa iNational Dialogue ukuzama ukugcina amandla.
Inhlangano yabasebenzi bakaHulumeni iPSA ithi izoqinisa imibhikisho yodokotela abangasebenzi kuze kuqashwe bonke nguMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal.
LUGOBILE UPHONDO?: I-Democratic Alliance ngomlomo womholi wayo uJohn Steenhuisen isiveze ukuthi izomnika uMengameli igama lomuntu…...
Abe DA bathi bayahlala emshadweni kepha bazoduba okuthile behleli ngaphakathi. Bathi ngeke babe yingxenye ye-National Dialogue.
Uqokwe ihlandla lesibili njengosihlalo weKwaZulu-Natal Rural Horse Racing.
UMnu uAndrew Whitfield, useveze ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa akakamniki isizathu sokuxoshwa kwakhe.
Kudalwa yini ukuthi njalo makunezimpi ezwenikazi, bese kufanele zixazululwe ngamazwe angaphandle, ikakhulukazi awaseNtshonalanga?
Izakhiwo ezishisiwe bezishunqa abanikazi bezitolo bekhuculula imfucumfucu eshile enkabeni yeNairobi izolo.
UThulisile useqokwe emidlalweni emine njengomdlali wosuku ovelele kwi-TNL.
UZwilenkosi Magudulela ufunga uyagomela ukuthi uSabelo "Mkhonto" Cebekhulu uzobajabulisa abathandi besibhakela.
Ngesikhathi i-Orlando Pirates imemezela uJose Riveiro njengomqeqeshi wayo omusha kumasizini edlule, kwaba nolukhulu ungabazane ngoba wayengenalo irekhodi elihle
Bathi abayindawo.
Umholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema uthi iqembu lakhe liyeseka ngokuqinile i-Iran.
Uhulumeni waseNingizimu Afrika uthi ukuqaphele ngokukhathazeka okukhulu ukungena kweMelika empini ye-Israel ne-Iran.
UClinton Larsen kuvela ukuthi nguyena ozobe ehlezi ebhentshini le-Venda FC njengomqeqeshi omusha.
“Manxa nibulala mina, akusho ukuphela kwempi. Mina sengimdala nomzimba ubuthaka. Lena akuyona impi yami kepha ngeyentsha yase-Iran.“ - Ayatollah Khamenei
UCele noThalente Mbatha benze indumezulu yomqhudelwano ozobaKwaMashu kulempelasonto iThabo-Thalente Games.