Wenza ngakhona Mphemba – ISILO
by Anathi Mtaka
September 24, 2025
Anathi Mtaka
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
ISILO situse indlela esisebenzisa kahle ngayo noNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal uMnu uThamisanqa Ntuli.
Sithe kusukela sangena esihlalweni sisebenze noNdunankulu abathathu okuwuMnu uSihle Zikalala, uNkk uNomusa Dube-Ncube bese kuba uMnu uNtuli kodwa sisebenzisana kahle kakhulu noMphemba (abakwaNtuli).
