Now Reading
I-DA isiphinde yagcizelela ukuthi uMengameli kaxoshe uNgqongqoshe wemfundo ephakeme
Dark Light

I-DA isiphinde yagcizelela ukuthi uMengameli kaxoshe uNgqongqoshe wemfundo ephakeme

Ilungu lePhalamende leDemocratic Alliance (DA) uJeanne Adriaanse usenxuse uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi axoshe uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uDkt Nobuhle Nkabane.

U-Adriaanse ukhulume ngesikhathi kunenkulumompikiswano yesabelomali somnyango eMkhandlwini Kazwelonke Wezifundazwe (NCOP).

NgoMsombuluko iDA ifake icala ngoNkabane ngoba ikholwa wukuthi waqamba amanga ngesigungu esimsize ekuqokeni osihlalo bamabhodi eSector Education and Training Authorities.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi kutholakale ukuthi laba abebesesigungwini bahlobene noma bebexhumene nomnyango.

U-Adriaanse uthi uNkabane akayena umuntu ofanele ukuhola umnyango.

See Also

“Sekuyisikhathi sokuthi uMengameli uRamaphosa axoshe uNgqongqoshe uNkabane futhi ahlanze uxhaxha lobugebengu baKhongolose enhliziyweni kahulumeni. I-DA ngeke ivume ukuthi iPhalamende lidelelwe, futhi ngeke ibekezelele inkohlakalo.” Kuchaza uAdriaanse

Khonamanjalo, uNgqongqoshe uNkabane uthi ukumiswa koxhaso lwezimali ezikhungweni zemfundo ephakeme eqhamuka eMelika kube nomthelela omubi.

Scroll To Top