IMeya ikhala ngabantu abangafuni ukukhokha imali kaMasipal
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Uthwele kanzima umasipala waseBig 5 Hlabisa ngenxa yezakhamuzi ezigoloza ukukhokhela izidingo. Kuthiwa sezihlule ngisho sencengwa nangokuthi ziphulelwe izikweletu kodwa kuthiwa aziyingeni eyokukhokha.
Lokhu kuvezwe iMeya wmyakuloMasipala uMnu uComfort Khumalo izolo esithangamini sabezindaba.
UMnu uKhumalo uthe kumanje baphulele izakhamizi ngamaphesenti angama-40 ukuze zikwazi ukukhokhela uMasipala.
“Sesithathe isinqumo sokuthi sibenendlela yokuqoqa izikweletu kulezo zakhamizi ezifuna ukusikhokhela. Sizoqoqa izikweletu ngohlelo oluzophoqa ukuba izakhamizi zisikhokhele kodwa lezo ezizimisele ngokuxoxisana nathi sivule izandla,” kusho UKhumalo.
UMntungwa (AbakaKhumalo) ubuye wethula isabelo mali sonyaka ka-2025/2026 esiqale ngomhla lulunye kwephezulu. Uthe lesi sabelo siyizigidi ezingama-R240.
Kulesi sithangami kubuye kwabanokukhathazeka ngezinye izinhlelo zentuthuko nokukhalise iziphathimandla .
Kwezinye izinhlelo zentuthuko zibanjezelwe ukushona kukasonkontileka nokuphoqe ukuba ithenda iqalwe kabusha ngokukhangiswa ukuze kutholakale omunye usonkontileka.
Ngaphandle kwalokho kushayelwe ihlombe lo masipala ngokuthi kulesi sabelo mali esidlulile uthole umbiko oncomekayo kuMcwaningi Mabhuku Jikelele.

