I-DA esifundazweni nomnqamulajuqu ngokuqokwa kwesikhulu esiphezulu
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
I-DA KwaZulu-Natal ifuna kuhoxiswe ukuqokwa kwesikhulu esisha sezimali (Chief Financial Officer) eMnyangweni wezeMfundo esifundazweni zingakapheli izinsuku ezinhlanu.
Ilungu le-DA esiShayamthetho, uMnu uSakhile Mngadi, uthe uma uMphathiswa engalusukumeli loludaba bazoludlulisela kuNdunankulu, iKhomishana yabaSebenzi bakaHulumeni kanye nakuMvikeli woMphakathi.
Lokhu kulandela ukuthi uMphathiswa wezeMfundo esifundazweni uSipho Hlomuka enikeze uYali Joyi umsebenzi ngoNhlaba kusalindwe ukuhambisa kwakhe amaphepha athile.
UJoyi wesulile eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana esifundazweni, lapho ebesebenza khona umsebenzi ofanayo, ngemuva kokumiswa nyakenye kusalindwe uphenyo ngezinsolo zokuthengwa kwempahla ngendlela engafanele kanye nokungaziphathi kahle kwezimali.
UMngadi uthi, “Ukuqokwa kwakhe kwephula umthethosisekelo, kwephula nemithethonqubo yezisebenzi zikahulumeni futhi kukhombisa ukuvikelwa kwabasebenzi okuqhubekayo esikhundleni sokujeziswa.
IDemocratic Alliance iveze ukuthi iphethe incwadi esayiniwe evela kuMphathiswa wezeMfundo uSipho Hlomuka eyalela iNhloko yoMnyango ukuthi sekuphothuliwe ukuqashwa kukaJoyi, okuqinisekisa ukuthi uMphathiswa ubambe iqhaza ngqo kulolu hlelo lokuqashwa kukaJoyi.
Inyunyana yothisha i-NATU ithi ukuqokwa kukaJoyi kukhombisa ukuntula kwentshisekelo yepolitiki yokuphakamisa ukubusa okuhle nokuziphendulela.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu u Muzi Mahlambi, uthe uMnyango uzophendula ngaloludaba ngesikhathi esifanele.
“UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uyayibona imibino nezinkulumo eziqhamuka kubabambiqhaza mayelana nokuqokwa kwe-CFO entsha, uNksz Joyi. Sizophendula ngesikhathi esifanele,” kusho uMahlambi.

