Now Reading
Akufanga muntu kuhlaselwa ikhaya likaNdunankulu waseLibya
Dark Light

Akufanga muntu kuhlaselwa ikhaya likaNdunankulu waseLibya

Indawo okuhlala kuyo uNdunankulu waseLibya u-Abdulhamid al-Dbeibah ihlaselwe ngamabhomu ngeSonto esigamekweni esingashiyanga muntu eshonile, kusho uNgqongqoshe waseLibya etshela abeReuters.

UNgqongqoshe, ongathandanga kudalulwe igama lakhe, ukuqinisekisile emyalezweni wakhe ukuthi ukuhlasela kudale umonakalo. UNgqongqoshe ubengakayidaluli eminye imininingwane.

Izakhamizi ezimbili zithe zizwe ukuqhuma okukhulu eduze kolwandle endaweni kanokusho yaseTripoli iHay Andalus, okuyikhaya okuhlala uNdunankulu uDbeibah.

Isakhamuzi sithe ngemuva kokuzwakala kokuqhuma okukhulu, kwatshalwa abezokuphepha abanezimoto zabo endaweni. ILibya ibe nokuthula noma uzinzo okuncane kusukela ekuvukeleni kombuso okwakusekwa yiNATO ngowezi-2011, futhi yahlukana phakathi ngowezi-2014 njengoba kwase kunamaqembu asempumalanga nawasentshonalanga ayesezibusa wona ngokuphikisana.

See Also

UHulumeni kaDbeibah weGovernment of National Unity wamiswa ngenqubo esekelwa yi-UN ngowezi-2021 kodwa iPhalamende, empumalanga, layeka ukuhlonipha ukuba semthethweni kwalo Hulumeni ekupheleni kwalowo nyaka ngemuva kokwehluleka kwemizamo yokubamba ukhetho lukazwelonke, okwaholela ekudonseni isikhathi eside kwezombusazwe.

Ekuqaleni kukaNdasa, abaholi abathathu ababalulekile bathi bavumelana “ngesidingo” sokwakhiwa kukaHulumeni omusha obumbene ozoqondisa ukhetho oselubambezeleke isikhathi eside. UDbeibah ufunge wagomela ukuthi ngeke anikeze amandla kuHulumeni omusha ngaphandle kokhetho lukazwelonke.

Scroll To Top