UBHUBHANE: Ukuthunjwa kwezingane zamantombazane kudla lubi eNigeria



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Inkinga yokuthumba enyakatho yeNigeria ilahlekisela amantombazane imfundo njengoba abazali bekhetha ukuphepha kunesikole iminyaka eyishumi kusukela ukuthunjwa kwabafundi besifazane abangama-276 edolobheni laseChibok kwadala ulaka emhlabeni.
Iqembu lamaJihadist, iBoko Haram, lagasela eChibok ngowezi-2014, kodwa kusukela lapho amakhulu ezingane athathwe amaqembu ezigebengu esebenzisa iqhinga elifanayo lokuthumba inqwaba yabafundi ezikoleni ukuze afune izinkokhelo zesihlengo kubazali.
Kweminye imindeni, ukuhambisa izingane esikoleni kuyingozi engenakukwazi ukuyithatha. “Manje sinesimo lapho izingane seziqala khona ukukhetha phakathi kokuya esikoleni nokuhlala ziphila,” kusho u-Allen Manasseh, umlimi waseChibok futhi oyilungu leqembu lomkhankaso iBringBackOurGirls.
Abashana bakhe nezinye izihlobo zesifazane bathunjwa ngowezi-2014 baphakathi kwabafundi ababalelwa kwama-80 abathunjwa abangakaze badedelwe.
Imfundo elahlekile
Ngokwenhlangano ye-UN yezingane i-UNICEF izingane zaseNigeria ezingaba yizigidi ezingama-10.5 aziyi esikoleni, okwenza ingxenye eyodwa kwezinhlanu(one-fifth) zenani labantwana abaphuthelwa imfundo emhlabeni jikelele.
Ngenxa yenkinga yokuthumba, izikole eziningi zisavaliwe ezifundazweni ezisenyakatho – esezivele zinamanani aphezulu kakhulu ezweni lokuyeka, ikakhulukazi phakathi kwamantombazane endaweni lapho okulindeleke ukuthi ashade khona esemancane.
Ukushada kwezingane kuvame kakhulu ezindaweni ezisenyakatho-ntshonalanga nenyakatho-mpumalanga yeNigeria, lapho abesifazane abangaphezu kwesigamu abaneminyaka engama-20 nengama-24 bashada ngaphambi koba neminyaka eli-18, ngokusho kweGirls Not Brides, ubambiswano lomhlaba wonke olusebenzela ukuqeda umshado wezingane.
Lezo zindawo nazo zikhahlamezeke kakhulu ngokuthunjwa kwabantu abaningi okubhekiswe ezikoleni, futhi lokho kungase kubhebhethekise ukuhlukana kwezemfundo ngobulili, kusho uCristian Munduate, omele i-UNICEF eNigeria.
“Imindeni ingase ibe manqikanqika ukuhambisa amadodakazi ayo ezikoleni ngenxa yezinkinga zokuphepha, okuqhubekisela phambili umjikelezo wobumpofu nokunciphisa amathuba okuba amantombazane athole imfundo nokufukulwa kwezomnotho,” etshela iThomson Reuters Foundation.
Zingaki izingane ezithunniwe?
Njengoba iNigeria ibhekene nokwehla kwamandla emali okuphezulu, ukuntuleka kwemisebenzi kanye nendlala nobumpofu obandayo, ukuthunjwa sekuphenduke into eyenzeka nsuku zonke eminyakeni yamuva – njengoba iziphathimandla zibonakala zingenawo amandla okukumisa naphezu kwezijeziso ezinzima.
Okungenani sekube nokuthunjwa kwabantu okungama-735 kusukela ngowezi-2019, ngokusho kwenkampani yocwaningo lwezenhlalo nezepolitiki iSBM Intelligence, echaze ukwanda kokuthunjwa kufunwe isihlengo njengobhubhane.
Abasebenzi bosizo bathi kunzima ukwazi ukuthi zingaki izingane esezithunjwe kusukela eChibok, kodwa ngowezi-2022 i-Amnesty International yabeka isibalo sabangaphezu kwe-1 500.
Ngokokutholwe yiqembu lamalungelo, zingaphezu kwama-780 izingane ezathunjwa ukuze zihlengwe ngowezi-2021 kuphela. Futhi kusukela ngowezi-2022, izikole ezingaphezu kwama-700 zavalwa ezifundazweni eziyisikhombisa kwezingama-36 zaseNigeria.