AbaseNiger bafuna amasosha ase-USA eshaye isishwaphana sawo
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Izinkulungwane zingene emigwaqweni yenhlokodolobha yaseNiger izolo zifuna ukuhamba kwamasosha ase-USA ngemuva kokuthi iJunta ebusayo iphinde yaguqula isu layo ngokuqeda isivumelwano sezempi ne-United States of America kanye nokwamukela abafundisi bezempi baseRussia.
INiger iphinde yasayina isivumelwano sokusebenzisana nesikhondlakhondla sikawoyela esiphethwe nguHulumeni waseChina iChina National Petroleum Corp (CNPC) esingabiza izigidi ezingama-$400 esihlobene nokudayiswa kukawoyela ongahluziwe ovela endaweni kawoyela i-Agadem, kubike ithelevishini yombuso waseNiger iRTN ngoLwesihlanu ebusuku.
“IChina ingumngane omkhulu weNiger; ngeke sikusho ngokwanele lokho ,” kusho uNdunankulu noNgqongqoshe Wezomnotho Nezezimali u-Ali Mahaman Lamine Zeine emcimbini wokusayina, obusakazwa yiRTN.
“Lokhu kusayina kuyisigxivizo salobo bungani … nokubambisana okunezithelo phakathi kwala mazwe womabili,” kusho inxusa laseChina uJiang Feng.
Iphrojekthi yepayipi lokuthumela ngaphandle elisekelwa inkampani engaphansi kweCNPC iPetroChina yethulwa ngokusemthethweni ngoLwezi odlule, exhumanisa indawo kawoyela yase-Agadem nechweba laseCotonou eBenin engumakhelwane.
Ngaphambilini, lelizwe eliseNtshonalanga Afrika belinomshini omncane wokuhluza uwoyela onamandla acishe abe ngama-20 000 bpd ohlinzeka kakhulu ngemakethe kaphethiloli yasekhaya yaseNiger. INiamey yamukela abafundisi bezempi baseRussia, yasayina iMOU kawoyela ongahluziwe neBeijing
Ukubhikishela i-USA
Izakhamizi zimasha enkabeni yeNiamey, zaphakamisa amafulegi aseNiger embhikishweni owawukhumbula imibhikisho emelene neFrance eyagqugquzela ukuhoxa kwamasosha aseFrance eNiger ngonyaka odlule ngemuva kokuthi amasosha athatha izintambo zombuso.
Olunye uphawu olubhalwe ngesandla ngesiNgisi lufundeka ngokuthi “iMelika ayiphume ngokushesha eNiger,” ekhombisa ukweseka iJunta nesinqumo sayo maphakathi nenyanga edlule sokuhoxisa isivumelwano esasivumele amasosha aseMelika angaba yi-1 000 ukuthi asebenze kulelizwe kwizinkambu ezimbili.
“Silapha sizothi asiwafuni amakamu ase-USA, asibafuni abantu base-USA emhlabeni wethu,” kusho umbhikishi uMaria Saley eceleni kwemashi.
UKuze kube kuketulwa umbuso, iNiger ibilokhu ibingumlingani obalulekile wezokuphepha weFrance ne-United States, eyayisebenzisa njengesisekelo njengengxenye yemizamo yamazwe ngamazwe yokunqanda ukuvukela umbuso kwamaSulumane eshumini leminyaka esifundeni saseSahel eNtshonalanga Afrika. Kepha iziphathimandla ezintsha eNiger zijoyine ama-juntas emazweni angomakhelwane iMali kanye neBurkina Faso ekuqedeni izivumelwano zempi namadlelandawonye aseNtshonalanga, bashiya i-ECOWAS yesifunda sezepolitiki nezomnotho kanye nokuqinisa ubudlelwano obuseduze neRussia.