Ngabe abakwabo baqala ukuzihlangula kuNetanyahu ngempi eseGaza



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ilungu leKhabhinethi yezempi yakwa-Israel uBenny Gantz licele ukuthi kube nokhetho lukazwelonke ngoMandulo, njengoba uHulumeni kaNdunankulu uBenjamin Netanyahu ubhekene nengcindezi ekhaya naphesheya ngempi yaseGaza.
“Kumele sivumelane ngosuku lokhetho ngoMandulo, okobe kusho ukuphela konyaka impi yaqala,” kusho uGantz esithangamini sethelevishini.
“Ukubeka usuku olunjalo kuzosivumela ukuthi siqhubeke nemizamo yezempi ngenkathi sikhombisa izakhamizi zakwa-Israyeli ukuthi maduze sizovuselela ukusethemba kwazo.”
Izinkulungwane zabantu bakwa-Israeli bangene emigwaqweni kulezi zinsuku ezisanda kwedlula befuna ukhetho olusha. Abaningi bamgxekile uNetanyahu futhi bazwakalisa intukuthelo ngendlela uHulumeni wakhe aphatha ngayo abathunjwa bakwa-Israel abali-134 abasagcinwe eGaza izinyanga eziyisithupha kulokhu impi yaqala.
UNetanyahu, unguNdunankulu wamaIsraeli osehlale isikhathi eside kunabo bonke, useke waluvala kaningi ukhetho lwangaphambi kwesikhathi, okuthe ucwaningo lwemibono luveza ukuthi uzohlulwa, ethi ukuya okhethweni phakathi nempi kuzoklomelisa iHamas, inhlangano yamaSulumane eyayibusa eGaza.
Iqembu lakhe (Netanyahu) iLikud ngoLwesithathu lithe uGantz kumele “ayeke ukudlala ipolitiki” ngesikhathi sempi. “Ukhetho manje luzoletha ukukhubazeka, uqhekeko, ukulimala ezimpini zaseRafah kanye nengozi ebulalayo emathubeni esivumelwano salabo abathunjiwe,” kusho iqembu iLikud.
UGantz, owayengujenene wamasosha, wajoyina uHulumeni kaNetanyahu ezinsukwini zokuqala zempi njengesenzo sobumbano lwezepolitiki ngesikhathi senhlekelele. Amavoti aphakamisa ukuthi iqembu lakhe lizophuma phambili kunoma yiluphi ukhetho futhi kubukeka kunamathuba amakhulu ukuthi athathe izintambo njengoNdunankulu.
UNetanyahu uzibophezele ekubuyiseni abathunjwa ekhaya, futhi abhubhise iHamas, nakuba kungacaci ukuthi u-Israeli uzokwazi kanjani ukwenza lokho futhi ochwepheshe bayangabaza ukuthi lokho kungenzeka. Ukuhlasela kuka-Israeli komoya, enhlabathini nasolwandle okunganqamuki kubulale abantu basePalestine abangaphezu kwezi-32 000, ngokusho kweziphathimandla zezempilo eGaza, nokuholele enhlekeleleni yabantu.
Ucwaningo lukhombisa ukuthi iningi labantu bakwa-Israeli liyabuphikisa ubuholi bukaNetanyahu kusukela ngesikhathi iHamas ihlasela imiphakathi eseningizimu ne-Israel ngoMfumfu ziyisi-7, lapho kwabulawa khona abantu ababalelwa e-1 200 kwathathwa inqwaba yabathunjwa, ngokwezibalo zakwa-Israel.
Usuku olulandelayo lwePhalamende luhlelelwe uMfumfu zingama-27 kowe-2026, ngokweKomidi Lokhetho Lakwa-Israel. Konke lokhu kukhuluma okuqhamuka kumphakathi kanye nelungu likaHulumeni kuveza isithombe esijulile sokuthi kungenzeka ukuthi uNetanyahu usehlehlelwa yizikhuni kwabakwabo abayisihlangu sakhe eveli ehlehlelwa yizikhuni kwabangaphandle.