UNetanyahu akafihli ukuthi uzoziphindisela kuTehran
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Isiga sangempelasonto sokuhlaselwa kwe-Israel ngentululwane yobuchwepheshe bamadroni nangemicibisholo akugcinnja nje ngokunyakazisa umhlaba kepha kuvuse ubutha obudala phakathi Israel ne-Iran. Abezokuvikela nezempi kwa-Israel abazange bakunanaze ukuthi bazoziphindiselela kwi-Iran ngoba sekucacile ukuthi kudala beyingxeye ympi phakathi kwabo neHamas eGaza. Ukungaboni ngasolinye phakathi kwalamazwe kusuka ngonyaka we-1979 ngesikhathi se-Islamic Revolution.
Kuze kube yimanje sekufe abantu abangaphezu kwezi-33 000 ekuhlaseleni phakathi kwe-Israel neGaza. Emuva kwesigameko sangoMgqibelo i-Israel iyangqaphaza kuhle kwenyoka enenxeba okunovalo lokuthi ingaziphindiselela ngaphambi kokufika kwempelasonto ku-Iran. Ngenxa yokusabela ukuqhubeka kokuba kwabantu abaholi bamazwe amakhulu sebenxuse i-Israel ukuba ihlale phansi ibambe umthetho. Kuqale ngoNdunankulu waseBritain uRishi Sunak onxuse izinhlangothi zombili ukuba zehlise umoya ukuze kugwenywe okunye ukuhlaselana okunzogcina ngomphumela wokufa kwabantu ikakhulukazi abesifazane nezingane.
UMengameli waseFrance u-Emmanuel Macron uthe uzokwenza konke okusemandleni ukunxenxa i-Israel ukuba idlulise lesi siga ngoba uma ike yaphakamisa ikhanda kuyona nzima ukunqanda isimo. Isibalo sabantu okuqinisekiwe ukuthi babulewe ekuhlaseleni kwangempelasonto bayi-1 200, abanye abangama-50 bathunjiwe. Amasosha akwa-Israeli izolo kusisha akhipha isitatimende exayisa i-Iran namazwe ayesekayo ukuthi iqaphele ngoba angeke basonge izandla bechukuluzwa ezweni labo. Umkhuzi wezempi uHerzi Halevi uthe iTehran iyinyathele emsileni ngesenzo sayo futhi akangabazi ukuthi isenzo sayo sizoba nemiphumela emibi.
Akakufihlanga ukuthi ukuhlasela kwe-Iran kuvule amathuba amasha okuhlangana kwamazwe eMiddle East okwenza ne-Israel ibhekisise lawo mazwe akulesifunda angacaci ukuthi ami kuphi ekuhlaseleni okuphakathi kwalelizwe neHamas. Emuva kokuhlaselwa kwe-Israel uMengameli waseMelika uJoe Biden ushayele ucingo uzakwabo wakwa-Israel uBenjamin Netanyahu emazisa ngokuthi angeke bakweseka ukuziphindiselela ku-Iran. Amazwe eseka i-Israel azwakale eluma epholisa ekutheni i-Israel ingaziphindiseleli ekuhlaselweni kwayo.