Kubulawe amadodana amathathu omholi weHamas kuhlasela u-Israeli
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Amadodana amathathu omholi weHamas u-Ismail Haniyeh abulawe ekuhlaseleni ngezomoya kwa-Israeli eGaza Strip ngoLwesithathu, kusho leli qembu elibusa noma elilawula iPalestine kanye nomndeni kaHaniyeh.
Amasosha akwa-Israel akuqinisekisile ukwenza lokhu kuhlasela, echaza la madodana amathathu njengamalungu ophiko oluhlomile lweHamas.
Amadodana amathathu u-Hazem, u-Amir noMohammad – abulawa ngesikhathi imoto abehamba ngayo iqhunyiswa ngebhomu ekamu laseGaza i-Al-Shati, kusho iHamas. Abazukulu abane bakaHaniyeh, amantombazane amathathu nomfana oyedwa, nabo bashonile kulokhu kuhlasela, kusho iHamas.
Ebuzwa ngabazukulu abane ababulewe ngesikhathi kokuhlasela, amasosha akwa-Israel athe “akukho lwazi ngalokho njengamanje.” UHaniyeh, ozinze phesheya e-Qatar, ube ngubuso obulukhuni bezingxoxo zeHamas zamazwe ngamazwe njengoba impi no-Israeli iqhubeka eGaza, lapho umuzi womndeni wakhe wacekelwa khona kokunye ukuhlasela kwezomoya kwa-Israeli ngoLwezi nyakenye.
“Igazi lamadodana ami alibalulekile ukudlula igazi labantu bakithi,” uHaniyeh, oneminyaka engama-61, onamadodana namadodakazi ali-13 ngokusho kwemithombo yeHamas, etshela iPan-Arab Al Jazeera TV. Amadodana amathathu nabazukulu abane bebevakashela umndeni ngosuku lokuqala lweholide lweMuslim Eid al-Fitr eShati, ikamu labo lababaleki eliseGaza City, ngokusho kwezihlobo.
IHamas ithe ngoLwesibili icwaninga ngesiphakamiso sakwa-Israeli sokuthi kuqedwe ukulwa empini eseGaza esithathe izinyanga ezingaphezu kweziyisithupha kodwa yathi “ayishintshile” futhi lesi siphakamiso asizange sihlangabezane nezimfuno zasePalestine.
“Izimfuno zethu zicacile futhi ziqondile futhi ngeke sivume ukuyekethisa ngazo. Isitha siyazikhohlisa uma sicabanga ukuthi ukubulala amadodana ami, esicongweni sezingxoxo nangaphambi kokuba inhlangano ithumele impendulo yayo, kuzophusha iHamas ukuthi iguqule isimo sayo,” kusho uHaniyeh.
Enyangeni yesikhombisa yempi lapho ukuhlasela kwa-Israel emoyeni nasenhlabathini kucekele phansi iGaza, iHamas ifuna kuphele ukusebenza kwamasosha akwa-Israel kanye nokuhoxa kwawo kule ndawo, kanye nemvume yokuthi abasePalestine ababalekele amakhaya babuyele emakhaya.