IRwanda isendleleni yentuthuko kusukela kwaqothulwa uhlanga: Kagame
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli waseRwanda uPaul Kagame ekhuluma nabezindaba eKigali uthe izwe ligxile ekuzithuthukiseni kusukela ekubulaweni kwabantu boHlanga lwamaTutsi ngowe-1994.
Lokhu ukusho njengoba leli lizwe belikhumbula iminyaka engamashumi amathathu ngeSonto kusukela kwenzeka lesi sigameko lapho kwashona khona abantu ababalelwa esigidini.
UKagame uthe amanye amazwe ayabandakanyeka noma ayenesandla kulesiya sibhicongo. Uthe manje sekugxilwe ekuhlanganiseni abantu baseRwanda kungakhathalekile ukuthi bangowaluphi uhlanga.
“ERwanda ngicabanga ukuthi sesiqhubekele phambili. Ukuthi umphakathi wamazwe ngamazwe wawunesandla kulesiya sibhicongo, iqiniso lithi yebo babenaso isandla. Kithina sifunde izifundo zokuthi singaziphatha kanjani. Lokho kube ukuyeka ukuba ingxenye yalokho okubi esizena kona noma esazizenza kona.”