UFaye ufungiswe njengoMengameli waseSenegal
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Lowo omele iqembu eliphikisayo futhi oseke waboshwa eSenegal, uBassirou Diomaye Faye, ufungisiwe izolo njengoMengameli wesihlanu kuleli lizwe elisentshonalanga Afrika futhi omncane kunabo bonke, ethembisa ukubuyisela uzinzo nokuletha inqubekelaphambili kwezomnotho.
Lo mhloli wentela oneminyaka engama-44 ubudala wehlule u-Amadou Ba, owayengenele ukhetho lobuMengameli ngaphansi komfelandawonye kaMengameli ophumayo uMacky Sall, ngamalengiso emzuliswaneni wokuqala wokuvota, okubonisa amathemba amakhulu oguquko ezweni labantu ababalelwa ezigidini ezili-18.
“Imiphumela yokhetho ikhombise isifiso esikhulu soguquko,” kusho uFaye ngemuva kokufungiswa emcimbini abewuhambele namakhosikazi akhe amabili.
Bezingaphezu kweshumi nambili izinhloko zamazwe kanye nabamele izifunda abebehambele umcimbi wokugcotshwa, okuhlanganisa noMengameli waseNigeria uBola Tinubu, uMengameli waseGhana uNana Akufo-Addo kanye noSihlalo weKhomishini ye-African Union uMoussa Faki Mahamat. Izikhulu zamasosha aseBurkina Faso, iMali kanye neNiger nazo zathumela abebezowamela.
Uguquko olubushelelezi lube umfutho owamukelekayo ngemuva kweminyaka emithathu yezinxushunxushu zezombusazwe ezingakaze zibonwe eSenegal nokwaphakamisa ukukhathazeka ngokuhlehla kwentando yeningi esifundeni esivame ukuketulwa umbuso eNtshonalanga Afrika, lapho amaJunta (umbutho wamasosha ohola izwe) ethathe khona amandla anqamula ubudlelwano namadlelandawonye aseNtshonalanga avuna iRussia.
“ISenegal izoba yizwe lethemba, elinokuthula, elinohlelo lwezobulungiswa oluzimele kanye nentando yeningi eqinile,” kusho uFaye, ethembisa ukuphatha izindaba ngendlela efanele kanye nokwakha umnotho.
Izigidi zama kolayini amahora amaningi zizovota okhethweni olwagcina lungoNdasa zingama-24 ngemuva kwemizamo engaphumelelanga kaHulumeni kaSall yokuluhlehlisa kusukela ngoNhlolanja kuya kuZibandlela, bese kuba nguNhlangulana.