Now Reading
Kukwamazenzele?: UNetanyahu akabikelwanga ngokubulawa kwamadodana kaHaniyeh
Dark Light

Kukwamazenzele?: UNetanyahu akabikelwanga ngokubulawa kwamadodana kaHaniyeh

Amasosha akwa-Israel abulale amadodana amathathu omholi weHamas u-Ismail Haniyeh ekuhlaeleni kwezomoya eGaza ngaphandle kokubonisana nabakhuzi abaphezulu noma abaholi bezepolitiki okuhlanganisa noNdunankulu uBenjamin Netanyahu, kubike abezindaba  bakwa-Israel ngoLwesine.

Icaphuna izikhulu eziphezulu zakwa-Israel, inkampani yezindaba iWalla ithe uNetanyahu noma uNgqongqoshe Wezokuvikela uYoav Gallant abazange batshelwe kusengaphambili kokuhlasela, obekuhlanganiswe amasosha akwa-Israel kanye nophiko lwezobunhloli lakwaShin Bet.

Umbutho uthe u-Amir, u-Mohammad kanye noHazem Haniyeh bahlaselwe njengezilwi hhayi ngoba bengamadodana omholi wezepolitiki weHamas. Amasosha akwa-Israel awazange aphawule ngemibiko yokuthi abazukulu abane bakaHaniyeh nabo babulewe.

Akukho ukuphawula ngombiko kaWalla okwatholakala ngokushesha ehhovisi likandunankulu noma ezempi.

See Also

Ukubulawa kwezihlobo zikaHaniyeh kwengeze inkinga enkulu ezingxoxweni okuhloswe ngazo ukuthi kumiswe ukulwa eGaza ukuze kubuyiswe abathunjwa bakwa-Israel abali-133 okukholakala ukuthi bagcinwe endaweni evinjezelwe.

Izicelo zomhlaba wonke zokuthi kumiswe ukulwa zilokhu zikhula njengoba impi isingene enyangeni yesikhombisa kodwa luncane uphawu lwenqubekela phambili ezingxoxweni.

Scroll To Top