UMengameli uRamaphosa ukhathazekile ngempi ka-Israeli neHamas engase isabalele



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli uCyril Ramaphosa uthe iNingizimu Afrika yaqale yaxwayisa ngokuthi uma ingasingathwa ngendlela impi phakathi kuka-Israeli neHamas izokhula ibe yimpi yesifunda.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi i-Iran idubule amadroni angama-300 nemicibisholo ekuhlaseleni kokuziphindiselela ku-Israeli.
ITehran iphinde yaxwayisa ngokuthi uma i-Israel iziphindiselela, kufanele izilungiselele impendulo enamandla nakakhulu. URamaphosa uthe ukube impi yaseGaza isingethwe ngokucophelela okukhula nangomthwalo wemfanelo, bekungafanele kwenzeke lokhu.
“Sixwayise kusenesikhathi ukuthi ngaphandle kokuthi impi ephakathi kuka-Israel nePalestine eGaza isingathwe ngokucophelela, nangobuhlakani obukhulu bokuqinisekisa ukuthi kunokumiswa kwezikhali nokusiza abantu, impi izodlulela ngokushesha idlule imingcele yakwa-Israeli, futhi yayizogubungula amazwe aseMiddle East. Akufanele kube nokungqubuzana kwesifunda sibe sazi ukuthi umsuka walolu dweshu luyini, ngakho-ke sicela zonke izinhlangothi ukuthi ziyeke ukubhebhethekisa le ngxabano. Kuyingxabano eyingozi kakhulu engadlondlobala idlule ngisho nemingcele yaseMiddle East.” Kubeka uRamaphosa.