Lesi sivumelwano besizovumela imikhumbi eli-128 evela emazweni ali-11 angamalungu e-EU ukuthi adobe ogwini oluseduze neMorocco.
OyiNhloko esikhungweni sezempilo ufakazela ukuthi udosi lokhuvethe alikhethi zinga lempilo namndeni njengoba naye seluke lamtinyela
Kusemqoka ukubona ukuthi akekho ongakwenza ujabule futhi akukho okungale kwakho okungakujabulisa unomphelo
Umuntu ongathi akukho okuhle angabhala ngakho empilweni yakhe uyimpumputhe emqondweni. Nongathi akukho okuhlabahlosile nakuzuzile noma wakunqoba eziwombeni ezithile zempilo yakhe uyobe ugxoba umqondo wakhe okomuntu odovadoda inhlama yokhonkolo.
Sekwaba yinjwayelo ukuthi oNobhala Jikelele be-United Nations (UN) ngokwehlukana kwabo, kufike isikhathi lapho beshicilela umbiko…...
Ziyaqhubeka izingwevu esezithathe umhlalaphansi zabaphathi nabaholi kwezemfundo ukuveza ilaka lazo mayelana nokusetshenziswa nokukhulunywa kolimi lwesiZulu…...
Kwakusekubhaceni lapho abaningi baguqula umqondo bathi bona ngeke bafe kodwa bazohamba bayofunda. Ekubeni ngenkathi bebaleka eNingizimu Afrika babethi bayofunda ezempi.
Bekufanele intsha yezwe lakithi nabaholi baseNingizimu Afrika kanye nomphakathi nezizwe zonke zezwekazi i-Afrika, zifunde kwezasentshonalanga ezilikhuthalele leli siko noma umkhuba wokuqopha phansi izehlo ezimqoka ezenzeka usuku ngosuku empilweni yomuntu ngayedwa.
UMnyango uphokophele ukuba laba abaqokiwe bahlomule kuwo wonke umsebenzi wokuhlinzeka ngezindlu, okufaka kukho ukwakha nokutholakala kwempahla yokwakha neyokusebenza.
Obukela kude uyabona ukuthi cha aboHlanga konke kuyabehlela njengoba konke okubi kukhonjwa kubo. Ungafunga ukuthi…...
UMahlangu ungomunye wabakwazile ukuthi bashiye bebeke irekhodi eToyko, kwi-Long Jump
Into ebuhlungu engifisa uyazi ukuthi kuyingozi ukukhuliselwa ingane futhi kuvamise ukungabi nomthelela omuhle. Abantwana bethu abasihloniphi ngoba sibatshengise ukuthi siyizehluleki futhi sithembele kwabanye abantu.
Nsukuzaphuma kwanda izidumbu nezikweletu. Umthelela kwezokubuswa kanye nesimomazwe Kule minyaka engamashumi amabili eyedlule beziningi izinguquko…...
Njengoba amazwe esabhekene nempi yokhuvethe, akukho okutheni okwenziwayo ukubhekana nokuguquka kwesimo sezulu nobekulokhu kuyinsumansumane izifundiswa ezikhuluma ngayo, kepha manje esihleli obala emiphakathini yethu.
Zolo lokhu uMengameli uRamaphosa ubekhongela elakuleli kubatshalizimali nokuvele ukuthi kukhona abamthembisa khona. Kepha bangaki abazi ukuthi yini eyenza lo mholi ehle enyuka, nokuthi kungani izethembiso lezi abuye nazo zingeke ziqede inkinga yangempela?
Ukwenza kahle kwama-Proteas bekwenza kunganakeki ukuthi kuningi ukucwasana ngobuhlanga okwenzakalayo ngaphakathi.
Izingxabano azigcini kuphela kulesifundazwe, ngoba eMpumalanga ye-Afrika, iKenya, iSomalia kanye neTanzania ngamanye amazwe abanga umngcele osolwandl
Yonke into eyakhelwe esisekelweni esingenaqiniso ayinayo impumelelo. Uma ikhona impumelelo, ayithathi isikhathi eside kungekho okhalayo.
Kubalulekile ukusebenzisa ubuchopho kunokusebenzisa inhliziiyo uma sinikwa ithuba lokuyokhetha abazosimela kuHulumeni.
Uma ulandela indulo laboHlanga ( abangamaZulu) kuyaqapheleka ukuthi babeyisizwe esabe sibumbene. ILembe lakwenza lokhu ngokuthunga…...
Angiqale ngokucacisa ukuthi uma ngikhuluma ngobizo, kulesiqephu, angikhulumi ngokubizwa abaphansi. Ngifisa ukuphendula lombuzo namuhla ngoba…...
AboHlanga kulomhlaba balahlelwa emgubaneni , ezabelweni ezazingabasizi ngalutho ngaphandle kwesinxephezelo. Kepha ngakolunye uhlangothi izifikanamthwalo zabelwa inono lomhlaba oseKiricho
Uhulumeni okhona ufuna kube abeNkosi abazibulalela uBukhosi ukuze kungasolwa yena nxa sebufile nya
Phambilini kwakugxekwa namanje kusagxekwa ubudedengu bezintatheli zemithombo yezindaba eyahlukene,indlela ezazibhala,ezazisakaza,ezazethula ngayo izindaba sakulutha umphakathi. Ukuqaphelwa…...