Uthembela kanjani kumuntu (uhulumeni) ongamethembi ngengane yakho?



UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Uma ungangazi uzocabanga ukuthi nginenzondo ebhekiswe kuhulumeni kanye nobuholi esinabo kuleli. Uma ungazi kahle uyazi ukuthi akunjalo. Lesiqephu ngisibhalele wena futhi ngifisa sifundwe nguwe kunokuthi sifundwe ubuholi esinabo. Ngikhowa wukuthi uma ngingakhuluma nawe uzongizwa kangcono futhi isikhalo enginaso ngokukhuliswa kanye nokufundiswa kwezingane zethu uyosizwa futhi usiqonde kangcono.
Ungangizwa kabi, angisho ukuthi sengiphonse ithawula ngohulumeni kanye nobuholi bezwe, kodwa ngithe uma ngifunda incazelo yokubuswa kwezwe ngaphansi kwedemokhrasi ngathola ukuthi ngaphansi kwalenqubo uhulumeni ungowabantu. Lokhu kimi kusho ukuthi uma ngifisa ukukhuluma nohulumeni kumele ngikhulume nawe ngoba nguwe uhulumeni.
Ukukhuliswa ngokuyikho kanye nokufundiswa kwezingane zethu ngempilo kubalulekile. Yinto ongeke njengomzali uyishiye ezandleni zomunye umuntu. EmaSwati athi inkomo ikholwa umniyo, okusho ukuthi inkomo ayisoze yahlula umnikazi wayo. Lokhu kuyinto efanayo nakuzo izinganeni zethu. Ngeke zisehlule njengabazali futhi ngeke bakhula ngendlela eqotho uma sizobalaxaza komunye umuntu ngemuva kokubaletha emhlabeni.
Angeke ngagxila kakhulu embhalweni kaNkulunkulu futhi angifuni ukukukhumbuza ukuthi uMvelinqangi ukwethembe kangakanani ngalezo zingane nokwenza wabanika wena. Kungakho ngithi angikukhumbuze ukuthi unomthwalo omkhulu ekukhuliseni nasekuluseni leyo ngane ongumzali kuyo.
Singabazali ikakhulu labo abasebasha kubalulekile ukuthi sihambe phambili kuyo yonke into engezi ngane zethu. Lokhu kungafaka phakathi ezempilo, ezenhlalakahle, ezemfundo kanye nokuye. Njengomeluleki wezemfundo ngifisa ukugxila kwezemfundo, sibheka okungeziwa ngumzali.
Ezinsukwini ezedlule ngike ngakhuluma nomzali obenganeme ngendlela uhulumeni angakhathalele ngakhona. Lomzala ubethukuthele egane unwabu futhi ebalisa ukuthi izingane azitholi imfundo ngendlela efanele futhi azinakekelwa ngendlela uma sezifike ezikoleni. Enkulumeni yethu kufike lapho ngimbuza khona ukuthi uyaliqonda yini iqhaza lakhe njengomzali kulokho yena akhala ngakho nasola uhulumeni kukho. Impendulo yakhe angiyizwanga kahle. Empeleni ingenze ngakhumbula ukuthi baningi abazali abalahlela izingane zabo ezikoleni maqede bangelusi ukuthi yenzan, izinkinga ebhekana nazo nokuthi iyaphumelela yini.
Umbuzo engifisa ukuthi uzibuze wona namuhla uthi; ngabe ulibeka kanjani ithemba lakho ngengane yakho kumuntu ongamethembi? Lombuzo ngiwubuziswa ukuthi ngiyazi ukuthi abantu abaningi bakhala ngokungathembakali kukahulumeni kanye nobuholi kodwa bayaqhubeka nokubeka ithemba labo kuloyo hulumeni nakulabo baholi.
Isifiso sami ukuthi njengabazali siqale sithathe ingxathu elimqoka ngokukhuliswa kwezingane zethu; ukuthi banakekelwe yithi kuqala okukahulumeni kube wukuseseka nje kuphela. Komunye lokhu engikusho kuzodida, ukuthi kambe uma ngithi asibe sekhaleni uhulumeni aqhele ngisho ukuthini. Kepha ngikusho lokhu engikushoyo ngazi ukuthi lapha kithi sekwaqoshwa emqondweni ukuthi uhulumeni phambili umzali ngemuva. Siyisizwe esincike kakhulu kuhulumeni cishe ngakho konke.
Kuyingozi ukukhuliselwa ingane futhi kuvamise ukungabi nomphumela omuhle. Izingane zethu kazisihloniphi nje ngoba ngezenzo sizitshengise ukuthi siyizehluleki futhi sethembele kwabanye abantu ukuba kube yibo ‘abangabazali’ kuzo. Kasibaniki isizathu sokuthi basethembe futhi basihloniphe ngoba sikhala kuhulumeni ngakho konke. Lohulumeni simumema siphinde sikhale kuye nangezinto okungafanele ngabe zenziwa nguye ezimpilweni zethu nezezingane zethu.
Sekuyisikhathi sokuthi siyeke ukukhala ngobuholi nangezinto ezidinga thina ngqo. Kungenzeka ukhala ngengane yakho edla izidakamizwa nje kepha awukaze uzibuze ukuthi yazifundaphi nokuthi wawukuphi wena? Iqiniso lithi uma ungafaki lutho enganeni kukhona ozoyifakela okuthile .
Kukhona izingane esizibiza “ngamaphara” kuyimanje ngenxa yokuvumela abanye abantu basikhulisele zona. Siyinhlekisa singaboHlanga nokwenza izizwe eziningi zisibize ngezehluleki ngenxa yokwehluleka ukukhulisa izingane zethu. Zibuze ukuthi kungani ezabo izingane zingembethe amasaka emgwaqeni lapho ezethu zigcwele khona.
Yebo nezabo izingane zihlupha njengezethu futhi azizwa njengezethu kodwa into engiyifundile ngabo ( abezizwe) ukuthi akuvamisile ukuthi badikile futhi badedele omunye umuntu abakhulisele izingane zabo. Bawa bevuka nezingane zabo futhi bayabambisana njengomphakathi ekukhuliseni izingane zabo. Iqiniso elibuhlungu ukuthi thina siyazondana futhi sithukane uma ngike ngakhuza ingane yakho yonile. Kuqala wena mzali uyikhulumela futhi uyigone noma yenza into embi.
Izingane zethu ngeke zisehlule. Uma zisehlula siyobe sehlulekile ukukhulisa abaholi bezwe bakusasa. Uma singenzi lutho ngabo kukhona ozokwenza okuthile kubo. Ondlebe zikhanya ilanga bayoqhubeka basibuse uma sizohluleka ukwakhana njengabazali, umphakathi nesizwe.